Repository logo
 

Ukucwaninga ukulungela kothisha abasaqeqeshwa ukuyofundisa izibalo ngezilimi zomdabu emabangeni ayisisekelo: kugxilwe olimini lwesizulu.

Loading...
Thumbnail Image

Date

Journal Title

Journal ISSN

Volume Title

Publisher

Abstract

Lolu cwaningo beluhlola ukulungela kwabafundi abasaqeqeshwa ukuyofundisa izibalo ngezilimi zomdabu, lugxile olimini lwesiZulu. Njengoba izibalo zingezinye zezifundo ezingaphunyelelwa ngokugculisayo ezweni laseNingizimu-Afrika, ukufundiswa kwazo ngolimi lwesiZulu kwenza ziqondwe futhi ziphunyelelwe, ikakhulu emabangeni aphansi. Uma izibalo zifundiswa ngolimi lwesiZulu, abafundi bayakhula ekwazini izibalo, kanye nasekwazini lona uqobo ulimi lwesiZulu. Umbuzo onqala wocwaningo ububheka ukuthi ngabe abafundi abaqeqeshelwa ukufundisa isigaba esiyisisekelo bakulungele ngokwanele yini ukuyofundisa izibalo ngolimi lwesiZulu? Injongo yalo mbuzo bekuwukuhlola ukulungela kwabafundi abasaqeqeshwa bamabanga aphansi ukufundisa izibalo ngolimi lwesiZulu nokuqondisisa ukuthi kungani abafundi abasaqeqeshwa bekulungele noma bengakulungele ukuyofundisa izibalo ngolimi lwesiZulu. Kulolu cwaningo kukhethwe ngokunenhloso abafundi abahlanu, abaphothulayo oqeqeshweni lwabo lokuyofundisa isiGaba esiyisiSekelo. Ucwaningo lusebenzise insizakuhlaziya kaVygotsky yowe-1978, eyaziwa nge-Socio-Cultural Learning Theory. Ngesikhathi kwenziwa imizamo yokuphendula umbuzo onqala walolu cwaningo, kutholakele ukuthi abafundi abaqeqeshelwa ukuyofundisa izibalo abakulungele ukufundisa ngolimi lwesiZulu ngoba: Abanawo kwamdlandla wokusebenzisa isiZulu njengolimi lokufunda nokufundisa izibalo, balubukela phansi ulimi lwesiZulu, basebenzisa ulimi oluxube kakhulu isiNgisi lapho befunda izibalo, nezinsizakufundisa abazisebenzisayo zibhalwe ngolimi lwesiNgisi. Kugqamile futhi nokuthi abafundi abasaqeqeshwa abanalo ulwazi-magama lwesiZulu, ngaleso sizathu bagcina befaka amagama olimi lwesiLenge uma bezama ukufundisa izibalo ngesiZulu. Lolu cwaningo luncoma ukuthi izibalo zasemabangeni aphansi zibe nesichazamazwi esichaza amakhonsephthi ezibalo ngolimi lwesiZulu, ukuze othisha babe nolwazi-magama lwezibalo olungolimi lwesiZulu. Ucwaningo luphakamisa nokuthi uma kuqeqeshwa othisha bezibalo bamabanga phansi, kusetshenziswe ulimi lwesiZulu, yikhona bezozuza ulwazi lokusebenzisa isiZulu lapho befundisa izibalo kula mabanga.

Description

Masters. University of KwaZulu-Natal, Durban.

Keywords

Citation

DOI