Repository logo
 

Ukucwaninga ukulungela kothisha abasaqeqeshwa ukuyofundisa izibalo ngezilimi zomdabu emabangeni ayisisekelo: kugxilwe olimini lwesizulu.

dc.contributor.advisorMhlongo, Bonakele Yvonne.
dc.contributor.authorMbatha, Siphelele Trueman.
dc.date.accessioned2021-01-28T12:37:25Z
dc.date.available2021-01-28T12:37:25Z
dc.date.created2020
dc.descriptionMasters. University of KwaZulu-Natal, Durban.en_US
dc.description.abstractLolu cwaningo beluhlola ukulungela kwabafundi abasaqeqeshwa ukuyofundisa izibalo ngezilimi zomdabu, lugxile olimini lwesiZulu. Njengoba izibalo zingezinye zezifundo ezingaphunyelelwa ngokugculisayo ezweni laseNingizimu-Afrika, ukufundiswa kwazo ngolimi lwesiZulu kwenza ziqondwe futhi ziphunyelelwe, ikakhulu emabangeni aphansi. Uma izibalo zifundiswa ngolimi lwesiZulu, abafundi bayakhula ekwazini izibalo, kanye nasekwazini lona uqobo ulimi lwesiZulu. Umbuzo onqala wocwaningo ububheka ukuthi ngabe abafundi abaqeqeshelwa ukufundisa isigaba esiyisisekelo bakulungele ngokwanele yini ukuyofundisa izibalo ngolimi lwesiZulu? Injongo yalo mbuzo bekuwukuhlola ukulungela kwabafundi abasaqeqeshwa bamabanga aphansi ukufundisa izibalo ngolimi lwesiZulu nokuqondisisa ukuthi kungani abafundi abasaqeqeshwa bekulungele noma bengakulungele ukuyofundisa izibalo ngolimi lwesiZulu. Kulolu cwaningo kukhethwe ngokunenhloso abafundi abahlanu, abaphothulayo oqeqeshweni lwabo lokuyofundisa isiGaba esiyisiSekelo. Ucwaningo lusebenzise insizakuhlaziya kaVygotsky yowe-1978, eyaziwa nge-Socio-Cultural Learning Theory. Ngesikhathi kwenziwa imizamo yokuphendula umbuzo onqala walolu cwaningo, kutholakele ukuthi abafundi abaqeqeshelwa ukuyofundisa izibalo abakulungele ukufundisa ngolimi lwesiZulu ngoba: Abanawo kwamdlandla wokusebenzisa isiZulu njengolimi lokufunda nokufundisa izibalo, balubukela phansi ulimi lwesiZulu, basebenzisa ulimi oluxube kakhulu isiNgisi lapho befunda izibalo, nezinsizakufundisa abazisebenzisayo zibhalwe ngolimi lwesiNgisi. Kugqamile futhi nokuthi abafundi abasaqeqeshwa abanalo ulwazi-magama lwesiZulu, ngaleso sizathu bagcina befaka amagama olimi lwesiLenge uma bezama ukufundisa izibalo ngesiZulu. Lolu cwaningo luncoma ukuthi izibalo zasemabangeni aphansi zibe nesichazamazwi esichaza amakhonsephthi ezibalo ngolimi lwesiZulu, ukuze othisha babe nolwazi-magama lwezibalo olungolimi lwesiZulu. Ucwaningo luphakamisa nokuthi uma kuqeqeshwa othisha bezibalo bamabanga phansi, kusetshenziswe ulimi lwesiZulu, yikhona bezozuza ulwazi lokusebenzisa isiZulu lapho befundisa izibalo kula mabanga.en_US
dc.identifier.urihttps://researchspace.ukzn.ac.za/handle/10413/19094
dc.language.isootheren_US
dc.subject.otherAssessment policy statement.en_US
dc.subject.otherIndigenous language.en_US
dc.subject.otherNumeracy.en_US
dc.subject.otherFoundation phase.en_US
dc.titleUkucwaninga ukulungela kothisha abasaqeqeshwa ukuyofundisa izibalo ngezilimi zomdabu emabangeni ayisisekelo: kugxilwe olimini lwesizulu.en_US
dc.typeThesisen_US

Files

Original bundle
Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
Mbatha_Siphelele_Trueman_2020.pdf
Size:
1.95 MB
Format:
Adobe Portable Document Format
Description:
License bundle
Now showing 1 - 1 of 1
No Thumbnail Available
Name:
license.txt
Size:
1.64 KB
Format:
Item-specific license agreed upon to submission
Description: