Repository logo
 

Ukuhlelwa kokufundwa kolimi lwesiZulu njengolimi lwesibili: kubhekwa abasebenzi kanye nabafundi basenyuvesi ya KwaZulu-Natal.

dc.contributor.advisorNdimande-Hlongwa, Nobuhle Purity.
dc.contributor.authorNene, Buyani Gift.
dc.date.accessioned2016-01-26T07:47:43Z
dc.date.available2016-01-26T07:47:43Z
dc.date.created2014
dc.date.issued2014
dc.descriptionM.A. University of KwaZulu-Natal, Durban 2014.en
dc.description.abstractLolu cwaningo lubheka inqubomgomo yolimi yesikhungo semfundo ephakeme iNyuvesi YaKwaZulu-Natali, ngokubheka ukuhlelwa kokufundwa kolimi lwesiZulu njengolimi lwesibili, kubhekwa abasebenzi kanye nabafundi baseNyuvesi YaKwaZulu-Natali. Lolu cwaningo lungena ngaphansi komkhakha wokuhlelwa kolimi. Izilimi zomdabu kufanele zibambe iqhaza elikhulu empilweni yabantu baseNingizimu Afrika ukuze abantu bezokwazi ukuzithuthukisa ngazo. Izikhungo zemfundo ephakeme kumele zikusukumele ukulondoloza kanye nokuthuthukisa izilimi zomdabu. INyuvesi YaKwaZulu-Natali yona isiphumele obala ukuthi izothuthukisa ulimi lwesiZulu. Lokhu kufakazelwa yinqubomgomo yayo yolimi egqugquzela ubulimimbili (isiZulu kanye nesiNgisi). INyuvesi YaKwaZulu-Natali yakhipha isinqumo sokuthi bonke abafundi abazokwenza unyaka wokuqala eziqwini eziphansi kusukela ngonyaka wezi-2014 kuzodingeka ukuba bafunde isiZulu, njengesidingo sokuphothula iziqu. Izinhloso zalolu cwaningo ukuthola uvo lwabafundi kanye nabasebenzi besikhungo esiphakeme iNyuvesi YaKwaZulu-Natali ngokufundwa kanye nokufundiswa kwesiZulu, ukuhlola izinhlelo zokufundiswa kwesiZulu eNyuvesi YaKwaZulu-Natali kanye nokuhlola imivuzo yezemfundo ngokufundiswa kwesiZulu eNyuvesi YaKwaZulu-Natali. Indlela esetshenzisiwe ukuqoqa ulwazi kulolu cwaningo yikhwalithethivu (qualitative). Amasampula angahleliwe asetshenzisiwe ukuze wonke umuntu abe nethuba elilinganayo lokubamba iqhaza kulolu cwaningo. Ukubuzwa kwemibuzo engahleliwe kwenziwe ukuthola ulwazi kubafundi kanye nabasebenzi. Lolu hlobo lwemibuzo yilona obelufanele lolu cwaningo ukuze ababambiqhaza bezokhuluma ngokukhululeka. Kubuye kwahlaziywa osomqulu abakhuluma ngenqubomgomo yolimi kanye nezindaba zamaphephandaba ezikhuluma ngenqubomgomo yolimi yaseNyuvesi YaKwaZulu-Natali. Injulalwazi i-Language Management Theory (LMT) iyona esetshenzisiwe ukuhlaziya ulwazi. Kulolu cwaningo kuphakanyiswe ukuthi, bekuvele kunesidingo sokuthi esisodwa sezikhungo eziphakeme ezikhona esiFundazweni saKwaZulu-Natali sithuthukise isiZulu njengolunye lwezilimi ezisemthethweni zesifundazwe.en
dc.identifier.urihttp://hdl.handle.net/10413/12708
dc.language.isoen_ZAen
dc.subjectUniversity of KwaZulu-Natal--Language.en
dc.subjectLanguage policy--South Africa--KwaZulu-Natal.en
dc.subjectNguni languages--South Africa--KwaZulu-Natal.en
dc.subjectBilingualism--South Africa--KwaZulu-Natal.en
dc.subjectZulu language--South Africa--KwaZulu-Natal.en
dc.subjectTheses--Linguistics.en
dc.titleUkuhlelwa kokufundwa kolimi lwesiZulu njengolimi lwesibili: kubhekwa abasebenzi kanye nabafundi basenyuvesi ya KwaZulu-Natal.en
dc.typeThesisen

Files

Original bundle

Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
Nene_Buyani_Gift_2014.pdf
Size:
844.82 KB
Format:
Adobe Portable Document Format
Description:
Thesis

License bundle

Now showing 1 - 1 of 1
No Thumbnail Available
Name:
license.txt
Size:
1.64 KB
Format:
Item-specific license agreed upon to submission
Description: