Repository logo
 

Ukuhlelwa kokufundwa kolimi lwesiZulu njengolimi lwesibili: kubhekwa abasebenzi kanye nabafundi basenyuvesi ya KwaZulu-Natal.

Thumbnail Image

Date

2014

Journal Title

Journal ISSN

Volume Title

Publisher

Abstract

Lolu cwaningo lubheka inqubomgomo yolimi yesikhungo semfundo ephakeme iNyuvesi YaKwaZulu-Natali, ngokubheka ukuhlelwa kokufundwa kolimi lwesiZulu njengolimi lwesibili, kubhekwa abasebenzi kanye nabafundi baseNyuvesi YaKwaZulu-Natali. Lolu cwaningo lungena ngaphansi komkhakha wokuhlelwa kolimi. Izilimi zomdabu kufanele zibambe iqhaza elikhulu empilweni yabantu baseNingizimu Afrika ukuze abantu bezokwazi ukuzithuthukisa ngazo. Izikhungo zemfundo ephakeme kumele zikusukumele ukulondoloza kanye nokuthuthukisa izilimi zomdabu. INyuvesi YaKwaZulu-Natali yona isiphumele obala ukuthi izothuthukisa ulimi lwesiZulu. Lokhu kufakazelwa yinqubomgomo yayo yolimi egqugquzela ubulimimbili (isiZulu kanye nesiNgisi). INyuvesi YaKwaZulu-Natali yakhipha isinqumo sokuthi bonke abafundi abazokwenza unyaka wokuqala eziqwini eziphansi kusukela ngonyaka wezi-2014 kuzodingeka ukuba bafunde isiZulu, njengesidingo sokuphothula iziqu. Izinhloso zalolu cwaningo ukuthola uvo lwabafundi kanye nabasebenzi besikhungo esiphakeme iNyuvesi YaKwaZulu-Natali ngokufundwa kanye nokufundiswa kwesiZulu, ukuhlola izinhlelo zokufundiswa kwesiZulu eNyuvesi YaKwaZulu-Natali kanye nokuhlola imivuzo yezemfundo ngokufundiswa kwesiZulu eNyuvesi YaKwaZulu-Natali. Indlela esetshenzisiwe ukuqoqa ulwazi kulolu cwaningo yikhwalithethivu (qualitative). Amasampula angahleliwe asetshenzisiwe ukuze wonke umuntu abe nethuba elilinganayo lokubamba iqhaza kulolu cwaningo. Ukubuzwa kwemibuzo engahleliwe kwenziwe ukuthola ulwazi kubafundi kanye nabasebenzi. Lolu hlobo lwemibuzo yilona obelufanele lolu cwaningo ukuze ababambiqhaza bezokhuluma ngokukhululeka. Kubuye kwahlaziywa osomqulu abakhuluma ngenqubomgomo yolimi kanye nezindaba zamaphephandaba ezikhuluma ngenqubomgomo yolimi yaseNyuvesi YaKwaZulu-Natali. Injulalwazi i-Language Management Theory (LMT) iyona esetshenzisiwe ukuhlaziya ulwazi. Kulolu cwaningo kuphakanyiswe ukuthi, bekuvele kunesidingo sokuthi esisodwa sezikhungo eziphakeme ezikhona esiFundazweni saKwaZulu-Natali sithuthukise isiZulu njengolunye lwezilimi ezisemthethweni zesifundazwe.

Description

M.A. University of KwaZulu-Natal, Durban 2014.

Keywords

University of KwaZulu-Natal--Language., Language policy--South Africa--KwaZulu-Natal., Nguni languages--South Africa--KwaZulu-Natal., Bilingualism--South Africa--KwaZulu-Natal., Zulu language--South Africa--KwaZulu-Natal., Theses--Linguistics.

Citation

DOI