Izindlela namasu okufundisa ukulalela nokukhuluma kubafundi bamabanga 10-11 abenza isiZulu ulimi lokuqala lokwengeza ezikoleni zasesifundeni saseMlazi ezixube izinhlanga.
Date
2023
Journal Title
Journal ISSN
Volume Title
Publisher
Abstract
IQOQA
Lolu wucwaningo lwesimo oluyikhwalithethivu oluqhutshwe ngenhloso yokukhiqiza
imininingo mayelana nezindlela namasu okufundisa ukulalela nokukhuluma kubafundi
bamabanga 10-11 abenza isiZulu uLimi Lokuqala Lokwengeza ezikoleni zasesiFundeni
saseMlazi ezixube izinhlanga. Lolu cwaningo lusebenzise izindlela zokukhiqiza imininingo
bukhoma noma ubuso nobuso kubahlanganyeli abayisihlanu, kusetshenziswa izingxoxo
ezisakuhleleka, ukwethamela kanye nokuhlaziya amadokhumenti. Lolu cwaningo
belulawulwa yinjulalwazi kaVygotsky (1978) i-Social constructivism. Le njulalwazi
iphakamisa ukuthi ukufunda kwenzeka uma abantu besebenza ngokubambisana futhi
ikhuthaza abafundi ukuba babambe iqhaza ekwakheni ulwazi olusha. Le njulalwazi
igcizelela ukusebenzisana okunxantathu lapho abafundi bakwazi khona ukufunda ulimi
kothisha babo, kontanga kanye nakumalungu omphakathi ukuze kuthuthuke izinga
lokukhuluma ulimi. Nokho, imiphumela yalolu cwaningo iveza ukuthi nakuba othisha
abafundisa isiZulu uLimi Lokuqala Lokwengeza emabangeni10-11 bezisebenzisa izindlela
namasu ahlukene ukufundisa ikhono lokulalela nokukhuluma kodwa abafundi bazithola
besabhekene nenkinga yokukwazi ukukhuluma lolu limi ngenxa yokuthi ukusebenzisana
okunxantathu lapho abafundi abafunda khona kothisha, kontanga nasemiphakathini yabo
akuphelele kahle. Akuphelele ngoba isiZulu asikhulunywa emiphakathini laba bafundi
abaqhamuka kuyona ngoba akulona lolu ulimi abavamise ukuxhumana ngalo emakhayo.
Ngaleso sizathu, laba bafundi bazithola bengakwazi ukusebenzisa ulimi lwesiZulu njalo uma
sebephumile ekilasini. Ngakho-ke, lolu cwaningo luthole ukuthi izinhlobo ezahlukene
zezindlela namasu okufundisa okusetshenziswa ngothisha besiZulu uLimi Lokuqala
Lokwengeza ngeke zibe impumelelo uma ukusebenzisana okunxantathu kungaphelele,
lapho abafundi bakwazi khona ukulalela nokukhuluma ngokukhululeka ulimi lwesiZulu
nothisha, ontanga namalungu omphakathi, ngaphakathi nangaphandle kwamagceke
esikole.
Amatemu anqala: Ikhono lokulalela nokukhuluma, isiZulu uLimi Lokuqala Lokwengeza,
I-Social constructivism; izindlela namasu okufundisa; ukufunda
okunxantathu
Description
Master’s Degree. University of KwaZulu-Natal, Durban.