Repository logo
 

Ukuhlaziywa kokufakwa kwamalema angomqondofana nangomqondophika esichazamazwini esilulimimbili sika-de Schryver (2015) ngeso lenjulalwazi yokusebenziseka.

Loading...
Thumbnail Image

Date

2020

Journal Title

Journal ISSN

Volume Title

Publisher

Abstract

Umkhakha wokwenziwa kwezichazamazwi ezifaka izilimi zabomdabu usemusha e-Afrika, naseNingizimu Afrika, noma bezenziwa eminyakeni edlule kodwa bekungalandelwa kakhulu injulalwazi yokwenziwa kwezichazamazwi ekhuluma ngokusebenziseka kalula kanye nokufezwa kwezidingo zabasebenzisi bezichazamazwi. Lokhu kusho ukuthi isichazamazwi kumele sibe ngesifeza izidingo zabasebenzisi abahlonziwe, siphendule yonke imibuzo abasebenzisi abahlonziwe abangase babe nayo okugcina kumele lonke ulwazi oludingwa ngabasebenzisi abahlonziwe lutholakale kalula. Lolu cwaningo luhlaziya ukufakwa kwamalema angomqondofana nangomqondophika esichazamazwini esilulimimbili sika-De Schryver (2015) ngeso lenjulalwazi yokusebenziseka. Inhloso yalokhu ukuthola ukuthi isichazamazwi esilulimimbili sika-De Schryver (2015) siyaphumelela yini ukuhlinzeka abasebenzisi ngolwazi oluzothuthukisa ukukhulunywa ngempumelelo kwezilimi okufakwe ngazo amalema, ukuhlaziya ngokunzulu ukuthi njengoba lesi sichazamazwi singesilulimimbili siyayifeza noma siyahlangabezana yini nenjulalwazi yokusebenziseka nezidingo zabasebenzisi uma kufakwa amalema angomqondofana nangomqondophika. Kanye nokuzama ukuqonda kabanzi umsebenzi nezinhlosongqangi zokwakhiwa kwesichazamazwi esilulimimbili esifaka amalema ngolimi lwesiZulu nolwesiNgisi.

Description

Masters Degree. University of KwaZulu-Natal, Durban.

Keywords

Citation

DOI