Inzukaziyeki yokufunda nokufundiswa kwesizulu ulimi lwesibili emabangeni akhaphezayo (4-6) ezikoleni ezisesiyingini saseMlazi, KwaZulu-Natali.
Date
2020
Authors
Journal Title
Journal ISSN
Volume Title
Publisher
Abstract
Ukufunda nokufundisa ulimi lwesiZulu ezikoleni zaseNingizimu Afrika kusabukeka
kunezingqinamba eziningi ezidalwa ukuthi siwulimi olwalucindezelwe ngesikhathi
sobandlululo. Ukuhlelwa koHlelo lwezifundo nakho kubukeka kungadlali indima etheni
ekulekeleleni ukuba isiZulu sifundiswe ngendlela ezothuthukisa abafundi futhi baphumelele
ngokwezinga lolwazimfundo. Ngakho-ke lo mqingo wethula ulwazi olutholakele maqondana
nocwaningo oluphenye ngenzukazikeyi yokufunda nokufundiswa kwesiZulu uLimi lwesiBili
ezikoleni ezixube izinhlanga emabangeni akhaphezelayo. Lolu cwaningo lwenziwe ezikoleni
ezixube izinhlanga ngenhloso yokuphenya ngokwenzeka emakilasini esiZulu uLimi lwesiBili
ngesikhathi sokufunda okuholela ekungaphumelelini kwabafundi ngendlela elindelekile.
Ulwazi olutholakele ngiluhlaziye ngisebenzisa uhlaka lwenjulalwazi—iNjulalwazi kaKrashen
(1981) yokuthola uLimi lwesiBili. Ngibe sengiyihlobanisa nohlaka lwemicabango ethinta
ezinye izingxenye zalolu cwaningo ngenhloso yokuhlaziya lonke ulwazi okutholakele.
Umklamo nezindlela zocwaningo ezilandeliwe ngesikhathi kwenziwa lolu cwaningo, yizona
ezikhiqize imiphumela ehlabahlosile. Lolu ucwaningo lobunjalo botho ngoba bengihlose
ukuqoqela ulwazi kubahlanganyeli abahlala kuleso simo nsukuzonke. Ngibe sengilandela
indlelande ye-ethinografikhi ngenhloso yokuthi ngifunda ukuchitha isikhathi esanele ensimini
ukuze ngikhiqize ulwazi olukholekayo ngocwaningo. Ngisebenzise ipharadayimu
yokuhlolisisa ngoba lolu cwaningo belubheka ubuqiniso bokunto nobukhephukhephu
bokufundiswa kwesiZulu uLimi lwesiBili ukuze ngiqhamuke nokungaguqula isimo.
Ngikhiqize ulwazi lwenhlololwazi ezikoleni eziyisikhombisa lapho ngicaphune khona othisha
ababili isikole ngasinye okwenza isamba sothisha abayishumi nane ngaphinda ngayothamela
izifunjwana zabo emakilasini. Ngiphinde ngenza inhlolovo yohlamibuzo ezikoleni ezingamashumi ayisithupha nane ngaphinde ngabheka izincwadi ezisetshenziswa othisha
kanye nemiqulu yoMnyango WezeMfundo.
Lolu cwaningo ludalule ukuthi kunenzukazikeyi yokulahleka kolimi kubafundi besiZulu uLimi
lwesiBili ngenxa yokuthi ekilasini elilodwa kuhlangene abafundi abasemazingeni angalingani
olwazi lwesiZulu. Lokho kwenza othisha bagcine begxile kakhulu kubafundi abanolwazi
oluntengayo okuholela ekutheni abafundi osiZulu ulimi lwabo lwaseKhaya bagcina bezuze
kancane olwazini olusha ngesikhathi sokufunda kanti futhi ikhono lokubhala ilona elisantuleka
kakhulu kubafundi. Kuvelile ukuthi othisha bantula ulwazi ngezinhlotshana zolimi kanti
kunenkinga futhi yokusweleka kwezinsizakusebenza zesiZulu uLimi lwesiBili, lokho okwenza
kube nzima ukusebenza ngempumelelo kothisha. Uma kubhekwa imibhalo kuvele ukuminyana
kohlelo lomsebenzi enqubomgomeni yesiZulu uLimi lwesiBili okuholela ekuxakekeni
kothisha ngohlelo lomsebenzi nesikhathi sokusebenza kanye nokuxakaniseka kothisha
ngemisebenzi yokuhlola okuhlelekile. Lolu cwaningo ludalule ukwentuleka kwamasu
nezindlela zokufundisa isiZulu uLimi lwesiBili kothisha okuholele ekutheni bagcine
sebefundisa ngomphonse wendlela yomhumusho wohlelolimi
Ngakho-ke kulolu cwaningo ngiphakamisa indlela eyisifanekiso esixoxa ngamazinga abafundi
abadlula kuwo ukuze bafinyelele ekuqondeni isiZulu uLimi lwesiBili ngempumelelo.
Engxoxweni yalesi sifanekiso ngibe sengiqondanisa izinga nezinga namabanga ezikole
kusukela enkulisa kuze kufinyelele kumatikuletsheni. Lesi sifanekiso singaba usizo kakhulu
ohlelweni lwezifundo zoMnyango WezeMfundo kanye nendlela othisha abafundisa ngayo
ezikoleni ezixube izinhlanga kanye nezifundisa isiZulu uLimi lwesiBili.
Description
Doctoral Degree. University of KwaZulu-Natal, Durban.