Repository logo
 

Ukufundiswa kohlelo lolimi kubafundi bebangale 10 abenza isiZulu ulimi lokuqala lokwengeza ezikoleni ezintathu zase-Richards Bay.

Loading...
Thumbnail Image

Date

2021

Journal Title

Journal ISSN

Volume Title

Publisher

Abstract

Lolu cwaningo lugxile ekubhekeni ukufundiswa kohlelo lolimi kubafundi bebanga le-10 abenza isiZulu uLimi Lokuqala Lokwengeza ezikoleni ezintathu zase-Richards Bay. Lolu cwaningo lwesimo olusebenzise ipharadymu yomhumusho, kusetshenziswa indlela yokuqoka abahlanganyeli ngenhloso, okuyibona abanganikeza imininingwane ethembekile yesimo esicwaningwayo. Lolu cwaningo lwenziwe ezikoleni ezintathu zase-Richards-Bay. Lolu cwaningo lusebenzise amathuluzi amathathu okuqoqa ulwazi okuyizingxoxo ezisakuhleleka, izingxoxo zamaqembu kanye nokuhlaziya amadokhumenti. Ucwaningo luphinde lwasebenzisa izindlela zocwaningo lobunjalo besimo ukuhlaziya ulwazi olutholakele. Imiphumela yocwaningo ihlaziywe kusetshenziswa injulalwazi i-Socio-constructivism kaVygotsky (1978). Imiphumela yocwaningo ikuvezile ukuthi othisha nakuba bezisebenzisa izindlela ezahlukene zokufundisa, kusekhona okushodayo futhi bayadinga ukulekelelwa wuMnyango wezeMfundo ngoba iningi labo abaqeqeshekile kahle emaswini okufundisa uhlelo nolimi esiZulwini uLimi Lokuqala Lokwengeza. Imiphumela yocwaningo iphinde yaveza ukuthi othisha babhekene nenkinga yokungabi bikho kwezinsizakusebenza zokufundisa ulimi lokuqala lokwengeza. Othisha bolimi lwesiZulu babhekene nenkinga yomthwalo omningi maqondana nalolu limi. Othisha babuye babhekane nenkinga yokuthi abafundi banokusibukela phansi isiZulu ngenxa yomthelela wolimi lwesiNgisi esiqhakanjiswa kakhulu ezikoleni nasemakhaya. Abafundi abasebangeni le-10 abanalo ulwazi oluyisisekelo lwesiZulu ngenxa yokuthi abasifundanga isiZulu emabangeni aphansi. Abafundi babhekene nenkinga yokungakwazi ukuphimisa imisindo ngendlela efanele.

Description

Masters. University of KwaZulu-Natal, Durban.

Keywords

Citation

DOI