Repository logo
 

Ukufundiswa kohlelo lolimi kubafundi bebangale 10 abenza isiZulu ulimi lokuqala lokwengeza ezikoleni ezintathu zase-Richards Bay.

dc.contributor.advisorNtshangase, Sicelo Ziphozonke.
dc.contributor.authorMbata Nokuthula Ntombenhle.
dc.date.accessioned2021-08-05T12:49:26Z
dc.date.available2021-08-05T12:49:26Z
dc.date.created2021
dc.date.issued2021
dc.descriptionMasters. University of KwaZulu-Natal, Durban.en_US
dc.description.abstractLolu cwaningo lugxile ekubhekeni ukufundiswa kohlelo lolimi kubafundi bebanga le-10 abenza isiZulu uLimi Lokuqala Lokwengeza ezikoleni ezintathu zase-Richards Bay. Lolu cwaningo lwesimo olusebenzise ipharadymu yomhumusho, kusetshenziswa indlela yokuqoka abahlanganyeli ngenhloso, okuyibona abanganikeza imininingwane ethembekile yesimo esicwaningwayo. Lolu cwaningo lwenziwe ezikoleni ezintathu zase-Richards-Bay. Lolu cwaningo lusebenzise amathuluzi amathathu okuqoqa ulwazi okuyizingxoxo ezisakuhleleka, izingxoxo zamaqembu kanye nokuhlaziya amadokhumenti. Ucwaningo luphinde lwasebenzisa izindlela zocwaningo lobunjalo besimo ukuhlaziya ulwazi olutholakele. Imiphumela yocwaningo ihlaziywe kusetshenziswa injulalwazi i-Socio-constructivism kaVygotsky (1978). Imiphumela yocwaningo ikuvezile ukuthi othisha nakuba bezisebenzisa izindlela ezahlukene zokufundisa, kusekhona okushodayo futhi bayadinga ukulekelelwa wuMnyango wezeMfundo ngoba iningi labo abaqeqeshekile kahle emaswini okufundisa uhlelo nolimi esiZulwini uLimi Lokuqala Lokwengeza. Imiphumela yocwaningo iphinde yaveza ukuthi othisha babhekene nenkinga yokungabi bikho kwezinsizakusebenza zokufundisa ulimi lokuqala lokwengeza. Othisha bolimi lwesiZulu babhekene nenkinga yomthwalo omningi maqondana nalolu limi. Othisha babuye babhekane nenkinga yokuthi abafundi banokusibukela phansi isiZulu ngenxa yomthelela wolimi lwesiNgisi esiqhakanjiswa kakhulu ezikoleni nasemakhaya. Abafundi abasebangeni le-10 abanalo ulwazi oluyisisekelo lwesiZulu ngenxa yokuthi abasifundanga isiZulu emabangeni aphansi. Abafundi babhekene nenkinga yokungakwazi ukuphimisa imisindo ngendlela efanele.en_US
dc.description.notesEnglish title translation from Zulu : Grammar teaching to Grade 10 learners who are making isiZulu their first additional language at three Richards Bay schools.en_US
dc.identifier.urihttps://researchspace.ukzn.ac.za/handle/10413/19713
dc.language.isootheren_US
dc.subject.otherAdditive and subtractive bilingualism.en_US
dc.subject.otherisiZulu first additional language.en_US
dc.subject.otherSocial constructivism.en_US
dc.subject.otherisiZulu educators.en_US
dc.subject.otherZulu language.en_US
dc.subject.otherGrammar in language teaching.en_US
dc.titleUkufundiswa kohlelo lolimi kubafundi bebangale 10 abenza isiZulu ulimi lokuqala lokwengeza ezikoleni ezintathu zase-Richards Bay.en_US
dc.typeThesisen_US

Files

Original bundle

Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
Mbata_Nokuthula_Ntombenhle_2021.pdf
Size:
3.34 MB
Format:
Adobe Portable Document Format
Description:

License bundle

Now showing 1 - 1 of 1
No Thumbnail Available
Name:
license.txt
Size:
1.64 KB
Format:
Item-specific license agreed upon to submission
Description: