Repository logo
 

Ukuvezwa kwabafelokazi emibhalweni yesiZulu eqokiwe.

Loading...
Thumbnail Image

Date

2020

Journal Title

Journal ISSN

Volume Title

Publisher

Abstract

Kulolu cwaningo kubhekwa indlela okuvezwa ngayo abafelokazi emibhalweni yesiZulu. Izibonelo zalolu cwaningo zicashunwe emibhalweni yesiZulu engamashumi amabili. Le mibhalo ingamanoveli, izindaba ezimfishane nemidlalo emide nenkundlanye. Imibhalo lena iphathelene nendikimba yobufelokazi, kungaba ngokugxila ngqo kubufelokazi noma ngokuvezwa kobufelokazi njengengxenye yezigameko nabalingiswa okutholakala emibhalweni. Miningana imibhalo enendikimba yobufelokazi esishicilelwe esiZulwini, kodwa umcwaningi ukhethe ukusebenzisa leyo abekholwa ngukuthi izoziveza ngokwanele izibonelo zezihlokwana abezokhuluma ngazo. Kuningi kakhulu okungase kushiwo ngabafelokazi, ikakhulukazi uma kubhekwa indlela ababhali ababaveza ngayo emibhalweni. Bekungelula neze ukuba umcwaningi ageqe amagula, ngakho ukhethe ukugxila emaphuzwini athile nje awabone ebalulekile ekuvezeni isithombe esigqamile ngokuvezwa kwabafelokazi. Umcwaningi ubone kubalulekile ukucwaninga ukuthi isizinda somfelokazi singaba namuphi umthelela ekudaleni izinselelo ngokunjalo nendlela umfelokazi abhekana ngayo nalezo zinselelo. Ngokwesibonelo, isizinda esigcizelela kakhulu amasiko, singenza ukuba umfelokazi agcine amasiko athile anjengokuzila, ukungenwa, namanye. Kuyenzeka nokho ukuba umfelokazi angavumelani nala masiko, ngakho umcwaningi ubone kubalulekile ukuba lihlaziywe leli phuzu, kubonakale ukuthi ababhali baliveza kanjani. Umcwaningi ubone kubalulekile futhi ukubheka izinhlobo zezinselelo ezibhekana nomfelokazi nezimbangela zazo, ngokunjalo namasu asetshenziswa ngumfelokazi ekubhekaneni nezingqinamba. Libalulekile futhi nephuzu lesimomqondo somfelokazi, umndeni nomphakathi mayelana nobufelokazi nezinselelo zabo. Umfelokazi usuke ebhekene nezinselelo zokuqhubeka nempilo emveni kokushonelwa. Lokhu kuyamphoqa ukuba athathe izinqumo ezithile engasalekelelwa ngumyeni wakhe. Umcwaningi ubone kubalulekile ukukuhlaziya lokhu ukuthi kuvela kanjani emibhalweni ekhethiwe. Zimbili izinjulalwazi ezisetshenziswe kulolu cwaningo. Kusetshenziswe injulalwazi i-Cycle of Socialization nenjulalwazi i-Hermenuetics. Yizona umcwaningi abone zizomelekelela kangcono ekuhlaziyeni imibhalo. Lezi zinjulalwazi ziphathelene nendlela yenhlaliswano emphakathini nokuhumusha imibhalo yobuciko. Umcwaningi ubone zingena khaxa kulolu cwaningo, kwazise abafelokazi bayingxenye yenhlaliswano yomphakathi futhi kulolu cwaningo bavela bengabalingiswa emibhalweni edinga injulalazwi yokuhumusha ukuze uqondakale kahle umyalezo obudluliswa ngababhali.

Description

Doctoral Degree. University of KwaZulu-Natal, Pietermaritzburg.

Keywords

Citation

DOI