Repository logo
 

Ukuvezwa kwabafelokazi emibhalweni yesiZulu eqokiwe.

dc.contributor.advisorSibiya, Nakanjani Goodenough.
dc.contributor.authorNkosi, Siduduzo Pretty.
dc.date.accessioned2021-06-09T13:56:32Z
dc.date.available2021-06-09T13:56:32Z
dc.date.created2020
dc.date.issued2020
dc.descriptionDoctoral Degree. University of KwaZulu-Natal, Pietermaritzburg.en_US
dc.description.abstractKulolu cwaningo kubhekwa indlela okuvezwa ngayo abafelokazi emibhalweni yesiZulu. Izibonelo zalolu cwaningo zicashunwe emibhalweni yesiZulu engamashumi amabili. Le mibhalo ingamanoveli, izindaba ezimfishane nemidlalo emide nenkundlanye. Imibhalo lena iphathelene nendikimba yobufelokazi, kungaba ngokugxila ngqo kubufelokazi noma ngokuvezwa kobufelokazi njengengxenye yezigameko nabalingiswa okutholakala emibhalweni. Miningana imibhalo enendikimba yobufelokazi esishicilelwe esiZulwini, kodwa umcwaningi ukhethe ukusebenzisa leyo abekholwa ngukuthi izoziveza ngokwanele izibonelo zezihlokwana abezokhuluma ngazo. Kuningi kakhulu okungase kushiwo ngabafelokazi, ikakhulukazi uma kubhekwa indlela ababhali ababaveza ngayo emibhalweni. Bekungelula neze ukuba umcwaningi ageqe amagula, ngakho ukhethe ukugxila emaphuzwini athile nje awabone ebalulekile ekuvezeni isithombe esigqamile ngokuvezwa kwabafelokazi. Umcwaningi ubone kubalulekile ukucwaninga ukuthi isizinda somfelokazi singaba namuphi umthelela ekudaleni izinselelo ngokunjalo nendlela umfelokazi abhekana ngayo nalezo zinselelo. Ngokwesibonelo, isizinda esigcizelela kakhulu amasiko, singenza ukuba umfelokazi agcine amasiko athile anjengokuzila, ukungenwa, namanye. Kuyenzeka nokho ukuba umfelokazi angavumelani nala masiko, ngakho umcwaningi ubone kubalulekile ukuba lihlaziywe leli phuzu, kubonakale ukuthi ababhali baliveza kanjani. Umcwaningi ubone kubalulekile futhi ukubheka izinhlobo zezinselelo ezibhekana nomfelokazi nezimbangela zazo, ngokunjalo namasu asetshenziswa ngumfelokazi ekubhekaneni nezingqinamba. Libalulekile futhi nephuzu lesimomqondo somfelokazi, umndeni nomphakathi mayelana nobufelokazi nezinselelo zabo. Umfelokazi usuke ebhekene nezinselelo zokuqhubeka nempilo emveni kokushonelwa. Lokhu kuyamphoqa ukuba athathe izinqumo ezithile engasalekelelwa ngumyeni wakhe. Umcwaningi ubone kubalulekile ukukuhlaziya lokhu ukuthi kuvela kanjani emibhalweni ekhethiwe. Zimbili izinjulalwazi ezisetshenziswe kulolu cwaningo. Kusetshenziswe injulalwazi i-Cycle of Socialization nenjulalwazi i-Hermenuetics. Yizona umcwaningi abone zizomelekelela kangcono ekuhlaziyeni imibhalo. Lezi zinjulalwazi ziphathelene nendlela yenhlaliswano emphakathini nokuhumusha imibhalo yobuciko. Umcwaningi ubone zingena khaxa kulolu cwaningo, kwazise abafelokazi bayingxenye yenhlaliswano yomphakathi futhi kulolu cwaningo bavela bengabalingiswa emibhalweni edinga injulalazwi yokuhumusha ukuze uqondakale kahle umyalezo obudluliswa ngababhali.en_US
dc.description.notesThesis in isiZulu.en_US
dc.identifier.urihttps://researchspace.ukzn.ac.za/handle/10413/19457
dc.language.isootheren_US
dc.subject.otherWidows.en_US
dc.subject.otherZulu novels.en_US
dc.subject.otherZulu culture.en_US
dc.subject.otherHermenuetics theory.en_US
dc.subject.otherCycle of socialization theory.en_US
dc.titleUkuvezwa kwabafelokazi emibhalweni yesiZulu eqokiwe.en_US
dc.typeThesisen_US

Files

Original bundle
Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
Nkosi_Siduduzo_Pretty_2020.pdf
Size:
1.03 MB
Format:
Adobe Portable Document Format
Description:
License bundle
Now showing 1 - 1 of 1
No Thumbnail Available
Name:
license.txt
Size:
1.64 KB
Format:
Item-specific license agreed upon to submission
Description: