Repository logo
 

Ukuvezwa kwezinselelo zesikhathi senkululeko emanovelini esizulu ashicilelwe kusukela onyakeni we-1994 kuya kowezi-2014.

Thumbnail Image

Date

2019

Journal Title

Journal ISSN

Volume Title

Publisher

Abstract

Lolu cwaningo lubheka izinselelo ezivezwa ngamanoveli aqokelwe lolu cwaningo. Lapha kubhekwa amanoveli ashicilelwe eminyakeni yokuqala yenkululeko engamashumi amabili. Ezinselelweni ezivezwa ucwaningo kukhona ubugebengu, inkohlakalo, ukungahlonishwa kwabantu besifazane, ukucwasana nokubandlululana ngokobuzwe nobuhlanga, ukungamukeleki kahle kwabathandana bewubulili obufanayo, udlame oludlangile ezweni, ubuphofu kanjalo nokungalingani komphakathi weNingizimu Afrika entsha. Lolu cwaningo luveza futhi izizathu ezenza ukuba ababhali bamanoveli ababhale ngale minyaka egaguliwe babhale ngokukhululeka. Luphawula ngokufikakwesikhathi soguquko ezweni laseNingizimu Afrika, kwangena intando yeningi nomthethosisekelo omusha ongacwasi ngokwebala, ubuhlanga, inkolo nobulili. Kuyavela ukuthi ukuguquka kwesimo sezombusazwe kunikeze ababhali inkululeko yokubhala bengenalo uvalo lokuboshwa nokuvalwa umlomo bona qobo lwabo noma imisebenzi yabo ngoba uhulumeni eyibuke wangayithanda. Ucwaningo luveza nezimbangela zezinselelo ezivezwe ngababhali njengoba zitholwe umcwaningi emanovelini. Lubuye luveze nokuthi yiziphi izixazululo ezihlongozwa ngababhali bala manoveli. Lokhu kubalulekile ngoba kulindelekile ukuba imibhalo yababhali ingagcini nje ngokuveza izinkinga nezinselelo kepha ibuye ihlongoze izixazululo ababhali abacabanga ukuthi zingasiza kuleso simo abasuke besivezile emibhalweni. Luveza namasu obuciko asetshenziswe ngababhali bamanoveli aqokiwe ngesikhathi beveza izinselelo emibhalweni yabo. Ucwaningo lusebenziseinjulalwazi ye-Marxism neye-Post-colonialism. Lezi zinjulalwazi zikwenza kube lula ukwenza lolu cwaningo ngokubheka ubudlelwane phakathi kwamanoveli aqokiwe kanye nesikhathi leso abhalwe ngaso. Lusebenzise indlela yeKhwalithethivu, ehlonzwe njengefanele ukwenza lolu cwaningo. Le pharadaymu ilekelelwe yileyo eyaziwa ngokuthi iPharadaymu Ehumushayo. Lubalulekile lolu cwaningo ngoba luveza ubudlelwane phakathi kwemibhalo okucwaningwe ngayo lapha kanye nesikhathi seminyaka yokuqala engamashumi amabili yenkululeko ezweni laseNingizimu Afrika. Kubalulekile ukuveza kwalo ukuthi zikhona izinselelo ezintshaneziqukethwe yizindikimba ezintsha ebekungelula ukubhala ngazo ngesikhathi sobandlululo noma ebezingekho ngaleso sikhathi.

Description

Doctoral Degree. University of KwaZulu-Natal, Pietermaritzburg.

Keywords

Citation

DOI