Repository logo
 

Ukuvezwa kwezinselelo zesikhathi senkululeko emanovelini esizulu ashicilelwe kusukela onyakeni we-1994 kuya kowezi-2014.

dc.contributor.advisorSibiya, Nakanjani Goodenough.
dc.contributor.authorQwabe, Thembinkosi Blessing.
dc.date.accessioned2020-04-06T10:14:39Z
dc.date.available2020-04-06T10:14:39Z
dc.date.created2019
dc.date.issued2019
dc.descriptionDoctoral Degree. University of KwaZulu-Natal, Pietermaritzburg.en_US
dc.description.abstractLolu cwaningo lubheka izinselelo ezivezwa ngamanoveli aqokelwe lolu cwaningo. Lapha kubhekwa amanoveli ashicilelwe eminyakeni yokuqala yenkululeko engamashumi amabili. Ezinselelweni ezivezwa ucwaningo kukhona ubugebengu, inkohlakalo, ukungahlonishwa kwabantu besifazane, ukucwasana nokubandlululana ngokobuzwe nobuhlanga, ukungamukeleki kahle kwabathandana bewubulili obufanayo, udlame oludlangile ezweni, ubuphofu kanjalo nokungalingani komphakathi weNingizimu Afrika entsha. Lolu cwaningo luveza futhi izizathu ezenza ukuba ababhali bamanoveli ababhale ngale minyaka egaguliwe babhale ngokukhululeka. Luphawula ngokufikakwesikhathi soguquko ezweni laseNingizimu Afrika, kwangena intando yeningi nomthethosisekelo omusha ongacwasi ngokwebala, ubuhlanga, inkolo nobulili. Kuyavela ukuthi ukuguquka kwesimo sezombusazwe kunikeze ababhali inkululeko yokubhala bengenalo uvalo lokuboshwa nokuvalwa umlomo bona qobo lwabo noma imisebenzi yabo ngoba uhulumeni eyibuke wangayithanda. Ucwaningo luveza nezimbangela zezinselelo ezivezwe ngababhali njengoba zitholwe umcwaningi emanovelini. Lubuye luveze nokuthi yiziphi izixazululo ezihlongozwa ngababhali bala manoveli. Lokhu kubalulekile ngoba kulindelekile ukuba imibhalo yababhali ingagcini nje ngokuveza izinkinga nezinselelo kepha ibuye ihlongoze izixazululo ababhali abacabanga ukuthi zingasiza kuleso simo abasuke besivezile emibhalweni. Luveza namasu obuciko asetshenziswe ngababhali bamanoveli aqokiwe ngesikhathi beveza izinselelo emibhalweni yabo. Ucwaningo lusebenziseinjulalwazi ye-Marxism neye-Post-colonialism. Lezi zinjulalwazi zikwenza kube lula ukwenza lolu cwaningo ngokubheka ubudlelwane phakathi kwamanoveli aqokiwe kanye nesikhathi leso abhalwe ngaso. Lusebenzise indlela yeKhwalithethivu, ehlonzwe njengefanele ukwenza lolu cwaningo. Le pharadaymu ilekelelwe yileyo eyaziwa ngokuthi iPharadaymu Ehumushayo. Lubalulekile lolu cwaningo ngoba luveza ubudlelwane phakathi kwemibhalo okucwaningwe ngayo lapha kanye nesikhathi seminyaka yokuqala engamashumi amabili yenkululeko ezweni laseNingizimu Afrika. Kubalulekile ukuveza kwalo ukuthi zikhona izinselelo ezintshaneziqukethwe yizindikimba ezintsha ebekungelula ukubhala ngazo ngesikhathi sobandlululo noma ebezingekho ngaleso sikhathi.en_US
dc.identifier.urihttps://researchspace.ukzn.ac.za/handle/10413/17611
dc.language.isootheren_US
dc.subject.otherIzinselelo.en_US
dc.subject.otherEmanovelini.en_US
dc.subject.otherIsikhathi senkululeko.en_US
dc.titleUkuvezwa kwezinselelo zesikhathi senkululeko emanovelini esizulu ashicilelwe kusukela onyakeni we-1994 kuya kowezi-2014.en_US
dc.typeThesisen_US

Files

Original bundle

Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
Qwabe_Thembinkosi_ Blessing_2019.pdf
Size:
1.37 MB
Format:
Adobe Portable Document Format
Description:

License bundle

Now showing 1 - 1 of 1
No Thumbnail Available
Name:
license.txt
Size:
1.64 KB
Format:
Item-specific license agreed upon to submission
Description: