Ukuhlelwa kokufundwa kolimi lwesiZulu njengolimi lwesibili : kubhekwa abasebenzi kanye nabafundi basenyuvesi ya KwaZulu-Natal.
Abstract
Lolu cwaningo lubheka inqubomgomo yolimi yesikhungo semfundo ephakeme iNyuvesi YaKwaZulu-Natali, ngokubheka ukuhlelwa kokufundwa kolimi lwesiZulu njengolimi lwesibili, kubhekwa abasebenzi kanye nabafundi baseNyuvesi YaKwaZulu-Natali. Lolu cwaningo lungena ngaphansi komkhakha wokuhlelwa kolimi.
Izilimi zomdabu kufanele zibambe iqhaza elikhulu empilweni yabantu baseNingizimu Afrika ukuze abantu bezokwazi ukuzithuthukisa ngazo. Izikhungo zemfundo ephakeme kumele zikusukumele ukulondoloza kanye nokuthuthukisa izilimi zomdabu. INyuvesi YaKwaZulu-Natali yona isiphumele obala ukuthi izothuthukisa ulimi lwesiZulu. Lokhu kufakazelwa yinqubomgomo yayo yolimi egqugquzela ubulimimbili (isiZulu kanye nesiNgisi).
INyuvesi YaKwaZulu-Natali yakhipha isinqumo sokuthi bonke abafundi abazokwenza unyaka wokuqala eziqwini eziphansi kusukela ngonyaka wezi-2014 kuzodingeka ukuba bafunde isiZulu, njengesidingo sokuphothula iziqu. Izinhloso zalolu cwaningo ukuthola uvo lwabafundi kanye nabasebenzi besikhungo esiphakeme iNyuvesi YaKwaZulu-Natali ngokufundwa kanye nokufundiswa kwesiZulu, ukuhlola izinhlelo zokufundiswa kwesiZulu eNyuvesi YaKwaZulu-Natali kanye nokuhlola imivuzo yezemfundo ngokufundiswa kwesiZulu eNyuvesi YaKwaZulu-Natali.
Indlela esetshenzisiwe ukuqoqa ulwazi kulolu cwaningo yikhwalithethivu (qualitative). Amasampula angahleliwe asetshenzisiwe ukuze wonke umuntu abe nethuba elilinganayo lokubamba iqhaza kulolu cwaningo. Ukubuzwa kwemibuzo engahleliwe kwenziwe ukuthola ulwazi kubafundi kanye nabasebenzi. Lolu hlobo lwemibuzo yilona obelufanele lolu cwaningo ukuze ababambiqhaza bezokhuluma ngokukhululeka. Kubuye kwahlaziywa osomqulu abakhuluma ngenqubomgomo yolimi kanye nezindaba zamaphephandaba ezikhuluma ngenqubomgomo yolimi yaseNyuvesi YaKwaZulu-Natali. Injulalwazi i-Language Management Theory (LMT) iyona esetshenzisiwe ukuhlaziya ulwazi. Kulolu cwaningo kuphakanyiswe ukuthi, bekuvele kunesidingo sokuthi esisodwa sezikhungo eziphakeme ezikhona esiFundazweni saKwaZulu-Natali sithuthukise isiZulu njengolunye lwezilimi ezisemthethweni zesifundazwe.
Collections
Related items
Showing items related by title, author, creator and subject.
-
Can small-scale poultry production contribute to household food security in the Maphephetheni lowlands, KwaZulu-Natal?
Mosisi, Moleka Pange. (2009)This study investigated the feasibility of small-scale poultry production to contribute to household food security in the Maphephetheni lowlands in KwaZulu-Natal. Forty households, selected by stratified random sampling ... -
Aspects of the conservation of oribi (Ourebia ourebi) in KwaZulu-Natal.
Grey, Rebecca Victoria. (2006)The oribi Ourebia ourebi is probably South Africa's most endangered antelope. As a specialist grazer, it is extremely susceptible to habitat loss and the transformation of habitat by development. Another major threat to ... -
Vegetation change in Northern KwaZulu-Natal since the Anglo-Zulu war of 1879.
Russell, Jennifer Mary. (2013)Historic photographs have been successfully used to compare landscape change over time. I used photographs taken of the grassland biome during and just after the Anglo-Zulu War (1879) in KwaZulu-Natal (South Africa), which ...