Repository logo
 

Ukufundiswa kokubhalwa kwezindaba zokuziqambela nemibhalo edlulisa imiyalezo kubafundi besiZulu ulimi lwasekhaya bebanga le-11 ezikoleni eziqokiwe zasemgungundlovu.

dc.contributor.advisorMhlongo, Bonakele Yvonne.
dc.contributor.authorMabaso, Priscilla Lindile.
dc.date.accessioned2022-01-14T12:33:45Z
dc.date.available2022-01-14T12:33:45Z
dc.date.created2021
dc.date.issued2021
dc.descriptionMasters Degree. University of KwaZulu-Natal, Durban.en_US
dc.description.abstractLolu cwaningo lumayelana nokufundiswa kwezindaba zokuziqambela kanye nemibhalo edlulisa imiyalezo. Inhloso yalolu cwaningo ukubheka amasu nezindlela zokufundisa ezisetshenziswa ngabafundisi besiZulu uLimi LwaseKhaya beBanga le- 11, uma befundisaukubhalwa kwezindaba zokuziqambela kanye nemibhalo edlulisa imiyalezo, abasezikoleni eziqokiwe esiYingini saseMgungundlovu, KwaZulu-Natali. Mine imibuzongqangi yalolu cwaningo okuyilena elandelayo: (1) Yimaphi amasu nezindlela zokufundisa ezilandelwa ngabafundisi besiZulu uLimi LwaseKhaya beBanga le-11 basezikoleni eziqokiwe zaseMgungundlovu, ukufundisa ukubhalwa kwezindaba zokuziqambela kanye nemibhalo edlulisa imiyalezo? (2) Ngabe laba bafundisi bawasebenzisa kanjani lawa masu nezindlela zokufundisa? (3) Kungani laba bafundisi belandela lawa masu nezindlela zokufundisa? (4) Ingabe amasu nezindlela okusetshenziswa ngabafundisi kuxhumana kanjaninomhlahlandlela wokufundisa lengxenye obekwe yisiTatimende seNqubomgomo yoHlelo lweziFundo nokuHlola (uCAPS) isiZulu uLimi LwaseKhaya? Ucwaningo lwenziwe ezikoleni eziqokiwe ezimbili zamaBanga esigaba sokuFunda nokuQeqesha okuQhubekayo ezingaphandle kancane nedolobha laseMgungundlovu. Bahlanu abafundisi abangababambiqhaza abaqokwa ngenhloso yokuba babe yingxenye yalolu cwaningo. Bonke laba bafundisi bafundisa isiZulu uLimi LwaseKhaya eBangeni le-11 esiYingini saseMgungundlovu. Lolu cwaningo luyikhwalithethivu, ngaphansi kwepharadayimu yomhumusho. Ocwaningweni oluyikhwalithethivu, njengomcwaningi ngiqoqe imininingo ngisebenzisa inhlololwazi esakuhleleka, ukuthamela abafundisi befundisa emagunjini okufundela, kanye namadokhumenti abafundisi nabafundi. Ngithamele ababambiqhaza ngenhloso yokuzibonela befundisaukubhalwa kwezindaba zokuziqambela nemibhalo edlulisa imiyalezo emagunjini okufundela, ngokusebenzisa ubuxhakaxhaka bobuchwepheshe beSikayiphi, ngenxa yobhubhane lwesifo soKhuvethe esihlasele umhlaba wonke. Kanti imininingo yenhlololwazi esakuhleleka ngiyiqoqe ngokushayela ababambiqhaza ucingo (video call). Imininingo etholakele ngesikhathi senhlololwazi kanye nokuthamela abafundisi befundisa lubhalwe phansi njengoba lunjalo, lwase luhlukaniswa ngezindikimba. Ukuhlaziywa kwemininingo etholakele kwesekelwe ngohlaka lwenjulalwazi kaHalliday noHasan, okuyinjulalwazi yoHlobo LomBhalo (Genre Theory) (1985). Imiphumela yocwaningo iveze ukuthi abafundisi beBanga le-11 abafundisa isiZulu uLimi LwaseKhaya bakhombisa ubuthaka bokungakhanyiseleki kahle ngamasu nezindlela ezilandelwayo lapho kufundiswa izindaba zokuziqambela nemibhalo edlulisa imiyalezo esifundweni sesiZulu uLimi LwaseKhaya. Okuphinde kwaba sobala ukuthi nalawa masu abawasebenzisayo, akekho noyedwa uMbambiqhaza onikeze isizathu esizwakalayo sokulandela lelo lisu lakhe lokufundisa eliveza inhloso yokuba abafundi bafunde ngokuhleleka kwamatheksthi ngokwe ‘nhloso, izithamelieziqondiwe, isakhiwo kanye nokuqukethwe,’ njengalokhu injulalwazi yoHlobo lomBhalo incoma ukulandelwa kwale migomo ngumfundisi lapho kufundiswa ukubhalwa kwemibhalo eyehlukene (Hyland, 2007). Okunye okuvezwa yilolu cwaningo ukuthi abafundisi banengcindezi yokubhekana namakilasi anabafundi abaningi, nomsebenzi omningi wamathaskhi abalindeleke ukuthi bawafundise, bawamake, kanye neminye imininingwane eminingi okufanele bayigcwalise ngesifundo ngasinye, lokho okwenza bangabi naso isikhathi esenele sokulandela yonke le migomo ebekwe nguCAPS uma befundisa ikhono lokubhala nokwethula esifundweni sesiZulu uLimi LwaseKhaya eBangeni le-11. Okunye okutholakele, ukuthi abafundisi bafundisa ikhono lokubhala nokwethula bangalididiyeli namanye amakhono oLimi, kepha lizimele lodwa. Lokhu kuveza ukuthi abafundisi beBanga le-11 abakuqondi okuqukethwe iKharikhulamu yesifundo sesiZulu uLimi LwaseKhaya. Ezinye zezincomo eziphakanyiswe yilolu cwaningo, wukuqinisekisa izinga eliphakeme lokuqeqeshwa kwabafundisi abasathwasa yizikhungo zokuqeqesha abafundisi. Ukwenziwa kwalokho kuyoba nomthelela omuhle ekuguquleni ukufundiswa kweziLimi zeNdabuko ezifana nesiZulu.en_US
dc.identifier.urihttps://researchspace.ukzn.ac.za/handle/10413/20116
dc.language.isoenen_US
dc.subject.otherAmasu nezindlela zokufundisa.en_US
dc.subject.otherIzindlela zokufundisa.en_US
dc.subject.otherMhlahlandlela wokufundisa.en_US
dc.subject.otherTeaching strategies and techniques.en_US
dc.subject.otherTeaching methods.en_US
dc.subject.otherTeaching guide.en_US
dc.subject.otherZulu language learners.en_US
dc.subject.otherCreative writing.en_US
dc.titleUkufundiswa kokubhalwa kwezindaba zokuziqambela nemibhalo edlulisa imiyalezo kubafundi besiZulu ulimi lwasekhaya bebanga le-11 ezikoleni eziqokiwe zasemgungundlovu.en_US
dc.typeThesisen_US

Files

Original bundle

Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
Mabaso_Priscilla_Lindile_2021.pdf
Size:
4.5 MB
Format:
Adobe Portable Document Format
Description:

License bundle

Now showing 1 - 1 of 1
No Thumbnail Available
Name:
license.txt
Size:
1.64 KB
Format:
Item-specific license agreed upon to submission
Description: