Izindlela namasu okufundisa ikhono lokubhala kubafundi besiZulu ulimi lokuqala lokwengeza emabangeni aphansi kusukela kwelokuqala kuya kwelisithathu. esiyingini sasePhayindane, esifundazweni saKwaZulu Natali.
Loading...
Date
Authors
Journal Title
Journal ISSN
Volume Title
Publisher
Abstract
Ucwaningo oluningi oselwenziwe lukhomba ukuthi aphansi kakhulu amazinga okuchwephesha ikhono lokubhala kubafundi BesiZUlu ulimi lokuQala lokwengeza. Nakuba ikhona imizamo esiyenziwe ukulwa nalesi sihlava kodwa imibiko eyehlukile asikayiboni mayelana nokuthuthuka kwekhono lokubhala. Ukushintshwashintshwa kwezinqubomgomo zokufundisa kuleli lase Ningizimu
Afrika kukhomba khona ukuthi amakhono okubhala kanye nolwazi lolimi kusayincikinciki, akukathuthuki. Nakho lokhu kushintshashintsha kuyizinkomba zokuthi lesi sihlava okuliwa naso asikakaphumi. Lolu cwaningo luphenya kabanzi ngamasu kanye nezindlela ezisetshenziswa othisha ukufundisa abafundi bolimi lokuqala lokwengeza, ikhono lokubhala kusukela eBangeni lokuQala
kuya kwelesiThathu, ezikoleni ezisesiyingini sasePhayindane KwaZulu Natali. Lezi zikole ziyizikole ezixube izinhlanga, phambilini zazikade kungezabohlanga lwaseNdiya. Kubuye kwahlaziywa noma
kwabuyekezwa imisebenzi yabanye abacwaningi emazweni ahlukene nalapha eNingizimu Afrika maqondana nezindlela namasu asetshenziswa othisha ukufundisa ikhono lokubhala emfundweni
eyisisekelo kusukela eBangeni lokuQala kuya kwelesiThathu, kubafundi abenza ulimi lokuQala lokwengeza.
Lolu cwaningo beluphendula umbuzo okuyiwona owumgogodla walolu cwaningo othi yiziphi izindlela namasu ezisetshenziswayo ukufundisa ukubhala kubafundi besiZulu Ulimi Lokuqala
lokweNgeza emaBangeni aphansi kusukela lwelokuQala kuya kwelesiThathu, esiyingini sasePhayindane KwaZulu Natali? Ucwaningo lwenziwe ezikoleni ezimbili ezisesiyingini sasePhayindane. Bathathu othisha abagcine beba yingxenye yocwaningo. Lolu cwaningo beluwucwaningo lobunjalo besimo (qualitative case study), ngaphansi kwepharadayimu yomhumusho (interpretivist paradigm). Ulwazi olutholakele luhlaziywe lwahlukaniswa ngezindikimba. Kusetshenziswa injulalwazi kaVygotsky (1978), injulalwazi yeSociocultural, njengohlaka lwenjulalwazi kanye nohlaka lwemicabango ukuhlaziya ulwazi olutholakele. Kugqama izindikimba ezimbili olwazini olutholakalayo. Kukhona ekhuluma ngezindlela ezitshenziswa othisha ukufundisa ikhono lokubhala kanye namasu asetshenziswa othisha ukufundisa ikhono lokubhala kubafundi besiZulu ulimi lokuqala lokwengeza. Okutholakele kulolu cwaningo ukuthi othisha basebenza indlela yokuqapha (guided writing) ekufundiseni ikhono lokubhala. Enye yezindlela abayisebenzisayo, indlela yokufundisa uhlamvu olulodwa ngosuku. Enye indlela okuvele ukuthi bayaysebenzisa futhi indlela yokufundisa ukubhala ngokuhlanganyela. Amasu okuvele ukuthi bayawasebenzisa afaka ukufundisa ukubhala usebenzisa imibala eyahlukene (colour coding).
Elinye futhi elivelile imodeling and scaffolding, lapho befundisa ngokungenelela, okwenzeka phakathi kukathisha nomfundi, umfundi kanye nozakwabo, bese kuba umzali nomfundi futhi.
Okunye futhi okuvelile ukuthi othisha bakhombisa ukuthi bayaziqonda izindlela namasu okufundisa ikhono lokubhala kubafundi besiZulu ullimi lokuqala lokwengeza kusukela eBangeni lokuqala kuya Lwelesithathu. Imiphumela yalolu cwaningo izolekelela kakhulu ekutholeni ukuthi inkinga iba kuphi uma abafundi sekumele bachwepheshe ikhono lokubhala, ngoba sekukhona ulwazi olukhona ngezindlela namasu. Osekushoda-ke ukuthi kutholakale-ke ukuthi inkinga ikuphi. Lolu cwaningo luyisisekelo sokutholakala kwesisombululo senkinga yokungakwazi ukubhala kwabafundi
Description
Masters Degree. University of KwaZulu-Natal, Durban.
