Ukulandelwa kwenqubomgomo yolimi ezikoleni ezikhethiwe eLimpopo, Sekhukhune ezise siyingini-Dilokong.
Loading...
Date
Authors
Journal Title
Journal ISSN
Volume Title
Publisher
Abstract
Lolu cwaningo lwenziwe ngenhloso yokuhlola inqubomgomo yolimi, yezikole zase- Sekhukhune esiyingini iDilokong esifundazweni sase Limpopo, lapho iqhathaniswa khona nenqubomgomo yolimi kazwe lonke kanjalo neyesifundazwe. Isiminingi imizamo eyenziwe ukuzama ukulungisa inqubomgomo yolimi nokulungisa amaphutha enzeke ngaphambilini maqondana nokwenganyelwa kwezilimi nokuthuthukiswa kwazo, lapha ngibala izinhlangano ezifana no- African Language Association of Southern Africa (ALASA) kanjalo ne Pan South Africa language board (Pan SALB), kuphinde kube yizincwaningo kodwa akukho okuncono okuphawulekayo. Izincwaningo eziningi ezivelayo zisalokhu ziveza ukuthi kukhona igebe elisekhona ekulinganisweni kanjalo
nasekusetshenzisweni kwezilimi kwezemfundo eNingizimu Africa. Ucwaningo luhlose ukuphendula imibuzongqangi emithathu elandelayo: (i) Iyiphi indlela esetshenziswayo ukuqoka inqubomgomo yolimi ezikoleni ezise siyingini Dilokong? (ii)Kungani kulandelwa indlela elandelwayo ukuqoka inqubomgomo yolimi ezikoleni ezikhethiwe esiyingini Dilokong? (iii) Ziyisebenzisa kanjani inqubomgomo yolimi izikole ezikhethiwe ezise siyingini Dilokong? Ucwaningo lwenzelwe esiyingini Dilokong lapho isiPedi siwulimi lwasekhaya khona emphakathini, ezikoleni zakhona zamabanga aphansi kanjalo naphezulu basebenzisa sona isiPedi njengo limi lwasekhaya.Ucwaningo lwenzelwe ezikoleni ezine ezimbili zamabanga aphansi nezimbili zamabanga aphezulu. Abahlanganyeli bocwaningo babe ngamashumi amabili, othishanhloko abane, amalungu esigungu sesikole ayishumi nambili amathathu isikole ngasinye, kanjalo nabeluleki bothisha abane.
Lolu ucwaningo lwekhwalithethivu ngaphansi kwendlelakubuka yomuhumusho. Kusetshenziswe izingxoxo, izingxoxo ezisakuhleleka kanjalo nohlo lwemibuzo evulekile kwase kuba inhlaziyo yemiqulu mbhalo njengezindlela zokuqoqa ulwazi lwalolu cwaningo. Lama thuluzi asetshenzisiwe abalulekile kakhulu kulolu cwaningo, ngoba anike umcwaningi ithuba lokuhlangana nabahlanganyeli, kanjalo nabacwaningi ithuba lokuba baveze imibono yabo kanjalo nemizwa ngesimo esicwaningwayo. Kusetshenziswe izinjulalwazi ezimbili ukuqhuba lolu cwaningo injulalwazi yokuhlelwa kolimi kanjalo nenjulalwazi yokwenganyelwa kolimi. Lezi izinjulalwazi ezibaluleke kakhulu ocwaningweni oluphathelene nokuhlelwa kanjalo nokwenganyelwa kolimi, kololu cwaningo zibaluleke kakhulu ngoba lozohlolisisa ukuhlelwa kwenqubomgomo yolimi, kanjalo nokwenganyelwa kwezilimi emiphakathini. Olwazini olutholakele kugqame izindikimba ezintathu. Indikimba yokuqala okuyizinkoleloze ngolimi lwasekhaya emphakathini nasezikoleni, Ukubukeleka phansi kwezilimi zomdabu njenge zokufunda nokufundisa ezikoleni kanjalo nenqubomgomo engahlelekile ezikoleni. Lezi zindikimba ezikhomba ngokusobala ukuthi izilimi zomdabu zisengaphansi kwencindezi ngaphansi kweNingizimu Afrika ekhululekile.
Imiphumela yocwaningo igqamisa ngokusobala ukuthi inselelo isenkulu eqondene nezilimi zomdabu, abaninizo kanjalo nezinhlangano ezilwela amalungelo azo izilimi zomdabu, ekuqinisekiseni ukuthi zonke izilimi zithola ukuhlonishwa ngendlela ezifanele ezweni. Kubalwa nokulwela kokuthi zonke izilimi zomdabu eNingizimu Afrika amalungelo azo ayanakekelwa kanti futhi ziyasetshenziswa koyo yonke imikhakha kahulumeni kakhulukazi kwezemfundo.
Description
Masters Degree. University of KwaZulu-Natal, Durban.
