Izindlela namasu okufundisa izimo zokukhuluma ebangeni lesi-10 nelesi-11 ezikoleni zaseEsikhaleni ezenza isiZulu ulimi lwasekhaya.
Date
2024
Authors
Journal Title
Journal ISSN
Volume Title
Publisher
Abstract
Lolu cwaningo lugxile ekubhekeni izindlela namasu asetshenziswa ngothisha besiZulu uLimi Lwasekhaya ukufundisa izimo zokukhuluma ebangeni le-10 nele-11 ezikoleni zaseSikhaleni ezenza isiZulu uLimi Lwasekhaya. Lolu wucwaningo oluyikhwalithethivu futhi nolwesimo olusebenzise ipharadymu yomhumusho. Kulolu cwaningo ngisebenzise indlela yokuqoka abahlanganyeli abayi-8 ngenhloso abafundisa isiZulu uLimi Lwasekhaya ezikoleni ezine esifundeni iKing Cetshwayo. Lapha kusetshenziswe izindlela ezine ukukhiqiza imininingo; okuyizingxoxo ezisakuhleleka, izingxoxo zamaqembu, ukwethamela izifunjwana nokuhlaziya amadokhumenti, okungamalungiselelo ezifunjwana. Imininingo ekhiqiziwe ihlaziywe yaphinde yahlelwa ngokwezindikimba. Imiphumela yocwaningo ihlaziywe kusetshenziswa injulalwazi kaVygotsky (1978) ye-Social constructivism kanye nenjulalwazi iSemiyothikhi. Injulalwazi ye-Social constructivism igcizelela ukuba abafundi basebenzise ulwazi lwabo lwangaphambilini ekwakheni ulwazi olusha nokuthi bazuze ulwazi olusha ngokuthi baxoxisane. Ngokwemfundo engunxantathu (ekhuthazwa injulalwazi ye- Social constructivism), abafundi bengacija ikhono labo lokwazi izimo zokukhuluma ngolimi lwesiZulu ngokuthi baxoxisane nothisha, nabanye abafundi kanye nabantu basemphakathini abavela kuwona. ISemiyothikhi yinjulalwazi eyithuluzi lokuhlaziya nokuhumusha zonke izimpawu ezisetshenziswa ekuxhumaneni okuhlanganisa lezo ezisezilimini, amagama, izithombe, izimpawu zomgwaqo, imisindo, umculo, ukukhangisa, njalonjalo. Injulalwazi iSemiyothikhi iyasiza ukuhumusha izimo zokukhuluma. NgokweSemiyothikhi, abafundi bangakwazi ukuhumusha uphawu oluthile ukuthi lusho ukuthini kanye nokuhumusha isithombe esisembhalweni ukuthi simele siphi isimo sokukhuluma. Abafundi bangakwazi ukuhumusha umbala ongabe usetshenziswe embhalweni noma ezintweni ezithile, bangakwazi ukuhumusha imibala esuke isezimbathweni zabantu, bazokwazi ukuhumusha umuntu esifazane uma
embethe izingubo ezimnyama ukuthi ushonelwe, nokuthi uphawu lwejuba lusho
uthando noxolo. Imiphumela yocwaningo iveze ukuthi othisha basebenzisa izindlela
namasu anhlobonhlobo ukufundisa izimo zokukhuluma ebangeni le-10 nele-11.
Izindlela ezigqamile ezisetshenziswa ngothisha ukufundisa izimo zokukhuluma;
indlela yokufundisa egxile ekuxazululeni izinkinga, indlela yokufundisa elandisayo,
indlela yokufundisa exhumanisa okufundwa ekilasini nokwenzeka emhlabeni, indlela
efundisa ngokucaphuna endabeni, indlela yokufundisa ehambisana nokubuka, indlela
yokufundisa yokusetshenziswa kwengxoxo noma inkulumo eholwa nguthisha. Amasu
okufundisa asetshenziswayo isu lokusebenza kwabafundi ngokubambisana kanye
nesu lokusebenza komfundi ngayedwana. Lolu cwaningo luletha ulwazi olubalulekile
emkhakheni wezocwaningo ngoba imiphumela yalo ikuvezile ukuthi othisha nakuba
bezisebenzisa izindlela namasu ahlukene okufundisa, abayigcizeleli kakhulu imfundo
enxantathu, okuwukusebenzisana phakathi kwabafundi nontanga, uthisha
nomphakathi. Okunye okusha okuvelayo ukuthi othisha izimo zokukhuluma
abazifundiseli nje kuphela ukunandisa ulimi lwabafundi kodwa bazifundisela ukusiza
abafundi ukuba bathuthukise abamkhono abo okucabanga nokuziqambela izinto.
Isihlawumbuliselo salolu cwaningo ukuthi ukuthuthuka kwalawa makhono kungenza
abafundi bakwazi ukuhlaziya izimo ezahlukene zempilo, okungandisa amathuba
okuphumelela kahle ezifundweni zabo.
Description
Doctoral Degree. University of KwaZulu-Natal, Durban.