Repository logo
 

Ukusetshenziswa kolimi lokufunda, ukufundisa nokuhlola ezikoleni zase-Harrismith, esifundazweni sase-Free State.

Abstract

Izinhloso zocwaningo ukuhlola inqubomogomo yolimi, yezikole zase-Harrismith, esifundazweni sase-Free State, lapho iqhathaniswa nezinqubomgomo zolimi zikazwelonke neyesifundazwe. Kungakho-ke lolu cwaningo luzobheka ukuthi bukhona yini Na ubulungiswa ukusetshenzisweni kwezilimi ezisemthethweni, ikakhulu isiZulu nesiSuthu njengezilimi zokufunda, ukufundisa nokuhlola, esifundazweni sase-Free State, ezikoleni zase-Harrismith. Wonke umfundi unelungelo lokufunda ngolimi aluzwa kangcono naluthandayo. Kungakho-nje izinhlosongqangi zocwaningo kuwukuhlolisisa ukuthi nembala izikole zase-Harrismith zinayo inqubomgomo yolimi ehambisanayo noma efuze leyo kaHulumeni kazwelonke; ukuthola imizwa nemicabango yothisha nabafundi malungana nenqubomgomo yezikole zabo kanye nokubheka ukuthi iziphi izingqinamba ezingaba khona ngolimi oluqokelwe ukufunda, ukufundisa nokuhlola. Lolu cwaningo luholwe i-Transformative pharadaymu lwase lusebenzisa izindlela zokucwaninga zobunjalo-botho. Kusetshenziswe izihlolombuzo ukuqoqa ulwazi ngalokho okucatshangwa ngababambiqhaza. Izingxoxo nezingxoxo zamaqoqo zisetshenziselwe ukuqoqa ulwazi kothisha nabafundi. Lama thuluzi abalulekile kulolu cwaningo ngoba anike ababambiqhaza ukuthi baveze ukujula kwemizwa nemicabango yabo. Ukubukela kusetshenziselwe ukuqoqa ulwazi oluveza ukulandelwa noma ukungalandelwa kwenqubomgomo, ezindlini zokufundela. Lolu cwaningo lube selusebenzisa izinjulalwazi ezimbili, injulalwazi egxekayo neyokonganyelwa kolimi. Umsebenzi wenjulalwazi egxekayo ukungena igamanxe emhlabeni wokwenzeka kwezinto ukuze kucaciswe izinto okuyizo eziyisisekelo sobudlelwano phakathi kwabantu. Iphinde ihlaziye izidingo, izifiso nezimfuno eziqhudelanayo phakathi kwezinhlobo ezahlukane zamaqembu kanye nabantu emiphakathini. Kanti injulalwazi yokonganyelwa kolimi yona igxila emalungelweni olimi, ulimi lwebele njengolimi olungasetshenziselwa ukufunda kanye nokuhlelwa kolimi. Ulimi ngokwale njulalwazi, luyisisekelo samalungelo. Phakathi kwezinto ezihamba phambili kulokho okutholwe ucwaningo, ukuqhubeka kokushaywa indiva kwezilimi zomdabu zase-Afrika, njengezilimi zokufunda, ukufundisa nokuhlola. Lesi sihlava sibi ngoba asigcini nje kuphela ngokubulala ubulungiswa kodwa futhi kumele sibukwe njengemizamo yokubhebhezela ingcindezelo yabomdabu base-Afrika kanye nezilimi zabo. Kungenxa yalezi zizathu-ke okwenze ngenza iziphakamiso ngokwakhiwa kabusha kwengqubomgomo yolimi yezikole ezoqoka izilimi zomdabu zase-Afrika njengezilimi zokufundisa nokuhlola. Ukusetshenziswa kwezilimi zomdabu zase-Afrika njengezilimi ezengeziwe zokufunda, ukufundisa nokuhlola kungashintsha izimpilo zabafundi balezi zilimi; kubanike ithuba lokuhlomula ezithelweni zenkululeko elwelwe kanzima.

Description

Doctoral Degree. University of KwaZulu-Natal, Durban.

Keywords

Citation

DOI