African Languages: Practical Tools & Guides
Permanent URI for this collectionhttps://hdl.handle.net/10413/24423
Browse
Recent Submissions
Item Ukuvamisa Imithetho Yokubhala Nobhalomagama LwesiZulu Lonyaka Wezi-2021(University of KwaZulu-Natal Press, 2021-02-24) Maphumulo, Abednego Mandlenkosi.Ushicilelo olusha Lwemithetho Yokubhala Nobhalomagama LwesiZulu lonyaka wezi-2021 luwukwenziwa kabusha kwalolo lonyaka wezi-2008. Luqukethe izahluko ezibaluleke kakhulu emsebenzini wolimi lwesiZulu. Kunesahluko esithi ‘ukuvamisa’ esichazayo ukuthi kuyini nokuthi kuhlobene kanjani nemithetho yokubhala nobhalomagama. Izahluko ezilandelayo zichaza umlando ukuthi kusukwa kuphi nomshikashika wemithetho yokubhala nobhalomagama lwesiZulu. Lezi zahluko zigqamisa iqhaza labomdabu nabasabalalisi bezenkolo emlandweni wokubhalwa kwesiZulu. Kubuye kuchazwe kabanzi ngemithetho yokubhalwa kwesiZulu, izimpawu zokuloba, ifonetiki, ukufelebisa, amagama ezindawo, ukuhlelwa okubhaliwe nokubhekisisa osekuhleliwe. Kuqhutshekwa kudingidwe ukuqanjwa kwamatemu, imithetho yokuhumusha nokutolika kanye nokubhalwa kwezichazamazwi. Kubhalwe kabanzi ngezinkinga zolimi emithonjeni yezokwazisa, ikakhulukazi amagama esiZulu adidwa namanye nokusetshenziswa kwamagama ayimifakela, ikakhulukazi imisindo emisha esitholakala esiZulwini. Kubhekwe nobhalomagama eBhayibhelini. Kuchazwe izikhathi, izinsuku nezinyanga ngesiZulu kwase kugcinwa ngobuchwepheshe ekuthuthukisweni kolimi lwesiZulu. Incwadi izoba wusizo kulabo abasebenzisa isiZulu emikhakheni eyahlukene. Zitholele eyakho uzifundele kugeqwa amagula ngezahluko esezibaliwe.
