Repository logo
 

Ukuvezwa komlingiswa uMkabayi kaJama emibhalweni yobuciko.

Loading...
Thumbnail Image

Date

2024

Journal Title

Journal ISSN

Volume Title

Publisher

Abstract

Lolu cwaningo beluqondene ngqo noMkabayi kaJama. Kulolu cwaningo kubhekwa indlela okuvezwe ngayo uMkabayi kaJama emibhalweni yobuciko. Kube sekuvela ukuthi ziningi izindlela avezwe ngazo ngoba abantu bamchaze ngezindlela ezingefani, kepha kuzo lezo zindlela ezingefani, bukhona ubuhlobo obudamane buvela. Emibhalweni eminingi esetshenzisiwe, bonke ababhali bayavumelana ukuthi uMkabayi kaJama wayemuhle, ekhaliphile, enamandla futhi enesibindi. Kuphinde kuvele futhi ukuthi bakhona abafa ngezwi likaMkabayi kaJama. Nanxa bekhona abafa ngelakhe izwi, kuvela ukuthi likhulu iqhaza alibamba ekubunjweni kombuso wakwaZulu. Abanye baze baveze ukuthi ukube uMkabayi kaJama akazithathanga izinqumo ezinqala azithatha, ngabe ubukhosi bakwaZulu kabukho. Kanti abanye bona bathi ukube uMkabayi kaJama wayengekho, ngabe ngisho iNkosi uShaka kaSenzangakhona wayengeke alibuse leli likaPhunga noMageba. Kulolu cwaningo kusetshenziswe izinjulalwazi ezine: Injulalwazi yeJenda Soshalizeshini, uhlelo lwenzalabantu, ifemenizimu yase-Afrika, kanye newumanizimu. Lezi zinjulalwazi zibe usizo olukhulu ngoba zikwenze kwalula ukuchaza uMkabayi kaJama kanye nokweseka izinqumo azithatha. Ezinye zalezi zinjulalwazi azandile emkhakheni wezifundo zesiZulu. Ocwaningayo ukujabulele ukuzisebenzisa ngoba zilethe ulwazi olusha emkhakheni wolimi lwasekhaya. Sikhona sona isidingo salolu cwaningo ngoba luzomethula kabusha uMkabayi kaJama emphakathini nasezweni. Okwenza lokho ukuthi lolu cwaningo luveza okuningi ngoMkabayi kaJama obekungekho ocwaningweni oselwenziwe. Lapha kuvezwa okuningi okwenziwa nguye. kuphinde kuvezwe nezizathu ezamenza ukuba athathe lezo zinqumo azithatha.

Description

Masters Degree. University of KwaZulu-Natal Pietermaritzburg.

Keywords

Citation

DOI