Izindikimba nokuvezwa kwabalingiswa besifazane kweminye imibhalo yesiZulu ebhalwe ngababhali besifazane ngemuva kwesikhathi senkululeko.
Date
2023
Authors
Journal Title
Journal ISSN
Volume Title
Publisher
Abstract
Kulolu cwaningo bekubhekwa ukuvezwa kwabalingiswa nezindikimba okubhale ngazo
ababhali besifazane emibhalweni ethize yesiZulu. Umcwaningi uqoke izincwadi ezibhalwe
ngababhali besifazane baseNingizimu Afrika.
Kuvelile izindikimba ezivela kakhulu emibhalweni yabhali besifazane okuyindikimba
yothando, yokuhlukunyezwa, yokukhulisa izingane ngabodwana neyokwesweleka
kwemisebenzi. Lezi zindikimba zivela kuzona zonke izincwadi eziqokiwe nokwenze
umcwaningi abone ukuthi zibathinta kanjani abantu besifazane njengoba kubhalwa kakhulu
ngazo.
Umcwaningi uphinde waveza abalingiswa besifazane lapho bevezwa ngababhali besifazane.
Kulokho okugqamayo ukuthi eminingi imibhalo ebhalwe ngabesilisa ibingakuvezi ubuqiniso
lapho yethula umlingiswa wesifazane bekuba into abayikhanda ngendlela nangeso lomuntu
wesilisa kungekho ukujula njengalapho ebhekwa ngowesifazane.
Lolu cwaningo lube nayo impumelelo njengoba umcwaningi ekwazile ukujula kulezo
zingqikithi abeqoke ukugxila kuzona ocwaningweni lwakhe.
Description
Masters Degree. University of KwaZulu-Natal, Pietermaritzburg.