Amasu asetshenziswa othisha ukufundisa ukubhala ama-eseyi esiZulu ulimi lwasekhaya ebangeni leshumi.
dc.contributor.advisor | Nsele, Sanele Michael. | |
dc.contributor.author | Blose, Jason Nkosi. | |
dc.date.accessioned | 2024-12-31T17:20:08Z | |
dc.date.available | 2024-12-31T17:20:08Z | |
dc.date.created | 2024 | |
dc.date.issued | 2024 | |
dc.description | Masters Degree. University of KwaZulu-Natal, Durban. | |
dc.description.abstract | Lolu wucwaningo oluyikhwalithethivu, elusebenzise isitayela esiyi-ethnography ngenhloso yokukhiqiza imininingo mayelana nemicabango yothisha ngokufundiswa kokubhala ama-eseyi esiZulu ebangeni leshumi. Lolu cwaningo ngaphansi kwepharadaymu i-interpretivsm, olusebenzise izindlela zokukhiqiza imininingo ezingunxantathu, izingxoxo ezisakuhleleka, ukuqaphela othisha befundisa kanye nokuhlaziya amadokhumenti. Kwaqokwa ngenhloso othisha abahlanu abafundisa isiZulu ulimi lwaseKhaya ebangeni leshumi. Lolu cwaningo lusebenzise indlela yokuqoka ngenhloso ngoba umcwaningi eholwa yisihloko kanye nezinhlosongqangi okungumgomgodla wocwaningo. Ngakho-ke, kwaqashelwa ukuthi ukuphenduleka kwemibuzongqangi kuyokwenzeka uma ucwaningo lugxila kothisha besiZulu ulimi lwaseKhaya. Ucwaningo lwalusekelwe wuhlaka lwemiqondomsuka emine; iPedagogical Content knowledge; iCognitive Academic Language Proficiency; yiCognitive kanye neSocio-Cultural. Emuva kokuqonda ukujula kanye namagebe mayelana nokufundiswa kokubhala ama-eseyi esiZulu, umcwaningi wabona lufanelekile ukusetshenziswa kohlaka lwemiqondomsuka ukuhlaziya iminxa ehlukene emibonweni yothisha besiZulu mayelana nokufundisa ukubhala ama-eseyi, nongakavami ocwaningweni lwesiZulu. Lolu cwaningo lwathola ukuthi othisha banemibono ehlukene mayelana nokufundiswa kokubhala ama-eseyi esiZulu ebangeni leshumi, futhi imibono yabo inomthelela endleleni abafundisa ngayo. Othisha baveza ukuthi ukufundisa ama-eseyi esiZulu kudinga izindlela zokufundisa ezahlukene, ezihambelana nokuthuthukiswayo kubafundi; njengendlela engumkhiqizo ethuthukisa ulwazi lohlaka kanye nemithetho yokubhala ulimi kumaeseyi. Kube nendlela eyinqubo, lapho baveza ukuthi ithuthukisa ukukwazi ukufunda ngokwenza/ ukubhala ama-eseyi, nokulapho uthisha eseka abafundi ekukhiqizeni awabo amaeseyi. Emibonweni yothisha, kwavela nokuthi ukufundiswa kwama-eseyi esiZulu kuthuthukisa ukukwazi ukuhlela amaphuzu, nemicabango ephusile, futhi kuthuthukisa iphimbo kanye nendlelakubuka kubafundi. Ucwaningo luphetha ngokwakha iziphakamiso ngocwaningo olungenziwa ngokuzayo kanye nezincomo ezibebhekiswe kothisha, abazali kanye noMnyango wezeMfundo mayelana nesidingo sokuvuselelwa kothando lokubhala kubafundi. | |
dc.description.notes | Thesis written in isiZulu. | |
dc.identifier.uri | https://hdl.handle.net/10413/23522 | |
dc.language.iso | other | |
dc.subject.other | Ukubhala ama-eseyi. | |
dc.subject.other | Imiqondomsuka. | |
dc.subject.other | Socio-cultural. | |
dc.subject.other | Pedagogical content knowledge. | |
dc.subject.other | Cognitive academic language proficiency. | |
dc.title | Amasu asetshenziswa othisha ukufundisa ukubhala ama-eseyi esiZulu ulimi lwasekhaya ebangeni leshumi. | |
dc.type | Thesis |