Repository logo
 

Ukukloloda emculweni kamaskandi: kubhekwa abaculi oKhuzani Mpungose kanye noMthandeni Manqele.

dc.contributor.advisorMazibuko, Gugulethu Brightness.
dc.contributor.authorZondo, Nolungelo.
dc.date.accessioned2022-10-31T12:50:34Z
dc.date.available2022-10-31T12:50:34Z
dc.date.created2021
dc.date.issued2021
dc.descriptionMasters Degree. University of KwaZulu-Natal, Pietermaritzburg.en_US
dc.description.abstractLolu cwaningo luhlaziya ukukloloda emculweni kamasikandi kubhekwa uKhuzani Mpungose noMthandeni Manqele. Luveze izinto ezahlukene eziholela ekutheni kubekhona ukukloloda emculweni wabaqokiwe. Kulolu cwaningo kusetshenziswe indlela yekhwalithethivu ukuqoqa ulwazi olundingekayo. Ucwaningo ngokwekhwalithethivu lugxile ezintweni ezenzeka ngokwemvelo yazo. Umcwaningi usebenzise uhlaziyomibhalo ukuze athole imiphumela abeyilindele ocwaningweni. Ubelalela aphinde abhale izingoma okuyizona ezinokukloloda. Nesu lokubukela libambe iqhaza elikhulu ekuqoqeni ulwazi lwalolu cwaningo. Imicimbi eyayiqoshwe ngesikhathi esiphambilini nayo umcwaningi ubeyibuka. Izinkundla zokuxhumana nazo zibe nelazo iqhaza ekutholeni ulwazi, umcwaningi ubelandela omasikandi abaqokiwe ukuze kuthi uma kukhona abakufaka ezinkundleni zokuxhumana asheshe akubone. Injulalulwazi yokungqubuzana kwemibono neye-Orality yizona ezasetshenziswa kulolu cwaningo. Injulalulwazi yokungqubuzana kwemibono yayilungile ngoba amaculo asetshenziselwe lolu cwaningo aveza ukukloloda okukhona ukungezwani ngokwemibono. Njengoba umculo uwubuciko bomlomo yayingeke isale injulalulwazi ye-Orality egcizelela ukunotha kobuciko bomlomo. lmiphumela yalolu cwaningo iyakuveza ukuthi ziningi izinto omasikandi abazivezayo emculweni wabo kepha iningi labalaleli abakushaya indiva bangazibuzi ukuthi kudalwa yini.en_US
dc.identifier.urihttps://researchspace.ukzn.ac.za/handle/10413/21058
dc.language.isootheren_US
dc.subject.otherIzingoma zamaskandi.en_US
dc.subject.otherTraditional African music.en_US
dc.subject.otherIzinkundla zokuxhumana.en_US
dc.subject.otherSocial media.en_US
dc.subject.otherOrality theory.en_US
dc.subject.otherInjulalwazi ye-orality.en_US
dc.titleUkukloloda emculweni kamaskandi: kubhekwa abaculi oKhuzani Mpungose kanye noMthandeni Manqele.en_US
dc.typeThesisen_US

Files

Original bundle

Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
Zondo_Nolungelo_2021.pdf
Size:
717.15 KB
Format:
Adobe Portable Document Format
Description:

License bundle

Now showing 1 - 1 of 1
No Thumbnail Available
Name:
license.txt
Size:
1.64 KB
Format:
Item-specific license agreed upon to submission
Description: