Repository logo
 

Learning financial literacy amongst adult Mauritians = Ulwazi lokusetshenziswa kwezimali kubantu asebekhulile baseMauritius.

Thumbnail Image

Date

2023

Journal Title

Journal ISSN

Volume Title

Publisher

Abstract

Many countries, including Mauritius, have placed financial literacy high on their agenda, with stakeholders including banking and non-banking regulators, government policymakers and the financial industry considering it to be in their best interests to increase financial literacy and consumer awareness. This study assesses the perceptions and understanding of adult Mauritians regarding financial literacy. The research questions concern the state of financial literacy among the adult population, the means through which Mauritians become financially literate, how these learning experiences influence financial decision-making, and why acquisition of financial literacy happens in this way in Mauritius. The study was conducted with groups from varied geographical and socio-economic backgrounds, and tries to address the causal link between being financially literate and using this knowledge for financial decision-making. The findings will contribute to improving perceptions of financial literacy and its use in financial decision-making. Another aim is to identify the best tools, techniques and strategies that can be adopted to help the adult Mauritian population to become financially literate. Most financial literacy programmess are developed with little or no attention to adult learning theory, inclusive learning environments, or culturally responsive teaching. Rather they have been grounded more in financial risk investment models, life cycle consumption theories, or behavioural modification models adapted from a health behaviour model or a combination thereof. In this study both quantitative and qualitative research techniques are used to study the complexities of financial literacy, and substantial evidence has been amassed through this mixed-method approach. Questionnaires and semi-structured interviews were utilised in this concurrent mixed-method design. Findings from this study demonstrate the importance of financial knowledge for effective decision-making, while also indicating the usefulness of financial literacy for a good understanding of individual financial choices. This study also highlights the lack of institutional financial literacy initiatives, and its recommendations may be used to inform policymakers and practitioners on the best tools, techniques, and strategies for providing financial literacy to the population. Iqoqa. Amazwe amaningi, okubalwa kuwo neMauritius, asebeke ulwazi lwezokusetshenziswa kwemali phezulu ohlelweni lwabo nababambiqhaza okubalwa kubo ababhekeleli kwezokugcinwa kwemali kanye nabangebona ababhekeleli kwezokugcinwa kwemali, abaqambi benqubomigomo bakahulumeni, futhi imboni yezezimali ikubuka lokhu njengokusondelene nabo kakhulu ukukhuphula ulwazi lokusetshenziswa kwezimali kanye nokuqwashisha abathengi. Lolu cwaningo luphenya ulwazi kanye nokuqonda kwabantu asebekhulile baseMauritius mayelana nolwazi lokusetshenziswa kwemali. Imibuzo yocwaningo ibuka isimo solwazi lokusetshenziswa kwemali phakathi komphakathi wabantu asebekhulile, izindlela zokuthi abantu baseMauritius babe nolwazi lokusebenza kwemali, ukuthi lolu lwazi abalufundayo lunamthelela muni ekuthatheni izinqumo, kanye nokuthi kungani ukuthola ulwazi lokusetshenziswa kwemali kwenzeka ngale ndlela eMauritius. Ucwaningo lwenziwa ngamaqoqo abantu abaqhamuka ezindaweni ezahlukene kanye nezizinda ezahlukene zenhlalompilo yezomnotho, bese luzama ukubuka ubudlelwane obuwumsuka phakathi kokuba nolwazi lokusetshenziswa kwemali kanye nokusebenzisa lolu lwazi ukuthatha izinqumo zezimali. Imiphumela izoba nomthelela ekuthuthukiseni ukwazi ngolwazi lokusetshenziswa kwemali kanye nokulusebenzisa ekuthatheni izinqumo ngemali. Enye inhloso ukuthola izinsizakusebenza ezingcono, izindlela kanye namasu angasetshenziswa ukwelekelela umphakathi wabantu asebekhulile baseMauritius ukuthi babe nolwazi lokusetshenziswa kwemali. Izinhlelo eziningi zezezimali ziyathuthukiswa nokuncane noma okungekho nhlobo okumayelana nokubhekelela injulalwazi yokufunda kwabantu asebekhulile, izizinda zokufunda ezihlanganisayo, noma ukufundisa okuphakela ngokwamasiko. Kunalokho bebezikise kakhulu imifanekisomumo enobungozi yokutshalwa kwezimali, izinjulalwazi zokusetshenziswa kwezinguquko zempilo, noma imifanekisomumo yokuguqulwa kwendlela yokwenza athathwe emifanekiswenimumo yendlela yezempilo noma inhlanganisela yakho konke. Kulolu cwaningo zozimbili izindlela zocwaningozinombolo kanye nelobunjalo botho zisetshenzisiwe ukucwaninga okuxakayo elwazini lokusetshenziswa kwemali, kanye nobufakazi obunzulu bubikiwe ngayo le ndlelakwenza yezindlelangxube. Uhlamibuzo kanye nezingxoxo ezisakuhleleka kusetshenzisiwe kule nhlanganisela yendlela engxube. Imiphumela yalolu cwaningo iveza ukubaluleka kolwazi lwezezimali ukuthatha izinqumo eziphusile, ngesikhathi futhi iveza umsebenzi wolwazi ngokusetshenziswa kwemali ukuqonda kahle ukwenza komuntu ngamunye ngokusetshenziswa kwemali. Lolu cwaningo luphinde futhi luveze ukwesweleka kwemizamo yezikhungo ngolwazi lokusetshenziswa kwemali, nokuthi iziphakamiso zaso zingasetshenziswa ukwazisa abaqambi benqubomigomo kanye nezisebenzi zezikhungo ngezinsizakusebenz ezingcono, amaqhinga kanye namasu okufundisa ulwazi lokusetshenziswa kwezimali emphakathini wabantu asebekhulile.

Description

Doctoral Degree. University of KwaZulu-Natal, Pietermaritzburg.

Keywords

Citation

DOI

https://doi.org/10.29086/10413/23112