Repository logo
 

Ukuhlaziywa kwamagama abalingiswa emibhalweni Ka-M.J. Mngadi.

Loading...
Thumbnail Image

Date

2021

Journal Title

Journal ISSN

Volume Title

Publisher

Abstract

Amagama abalingiswa akhulisa umqondo wombhalo ngoba kuyabhekeka ukuthi ngabe abalingiswa bayawalandela yini amagama abawanikiwe noma cha. Ekuqanjweni kwamagama kuqapheleka nekhono lombhali ngeso elibanzi nelibukhali. Lolu cwaningo luhlose ukuhlaziya kabanzi amagama abalingiswa emibhalweni kaMngadi. Amagama abalingiswa ayingxenye ebalulekile emibhalweni yobuciko ngoba yiwona alekelelayo ukuthi lowo ofundayo akwazi ukuhlukanisa abalingiswa. Liyancomeka ikhono likaMngadi lokuqamba abalingiswa amagama ahambelana nezenzo zabo. Emibhalweni kaMngadi, baningi abalingiswa abanamagama amabili noma ngaphezulu. Lokho kwenza ukuthi kuvele izinhlobo ezingafani zamagama, ngokwesibonelo, umlingiswa angaba negama lesiNgisi kanye nelesiZulu. Imvamisa elesiNgisi umlingiswa ubizwa ngalo esikoleni noma emsebenzini, kanjalo namagama ezidlaliso. Kwesinye isikhathi uMngadi uqamba ngisho amagama ahambelana nesihloko sendaba, okuveza ubuchule bombhali. Njengoba imvamisa yamagama aqanjwa uMngadi eveza ukuhambisana nendlela umlingiswa asuke eziphethe ngayo noma alindeleke ukuba aziphathe ngayo, ziyavela izincazelo eziveza isimomnqondo umzali ayesuke ekuso ngenkathi eqamba ingane yakhe endabeni. Lokhu kuvezwa ngendlela yokujeqeza emuva kanye nokufunza umlingiswa amagama athize. Imibhalo kaMngadi inawo futhi amagama abikezela okuthize okuzokwenzeka endabeni. Kuyenzeka igama libikezele okuhle noma okubi. Lolu cwaningo luqhutshwe ngendlelakubuka i-inthaphrethivu, kusetshenziswa indlela yekhwalithethivu. Ulwazi luqoqwe ngokusebenzisa imibhalo kaMngadi ukubheka amagama abalingiswa ukuze ahlaziywe. Kuzobhekwa amanoveli kanye nezindaba ezimfushane ukuze kubhekwe amagama abalingiswa. Kusetshenizswe izinjulalwazi ezimbili, okuyinjulalwazi yeLitherari Onomastiki kanye neyeNcazelomagama.

Description

Masters Degree. University of KwaZulu-Natal, Pietermaritzburg.

Keywords

Citation

DOI