Uguquko ekubhalweni kwezinkondlo zolimi lwesizulu: kuqhathaniswa amaqoqo kaVilakazi, B. W. nakaMavuso B.
dc.contributor.advisor | Mazibuko, Gugulethu Brightness. | |
dc.contributor.author | Nxumalo, Dumsani Walter. | |
dc.date.accessioned | 2021-10-18T15:56:39Z | |
dc.date.available | 2021-10-18T15:56:39Z | |
dc.date.created | 2021 | |
dc.date.issued | 2021 | |
dc.description | Masters Degree, University of KwaZulu-Natal, Durban. | en_US |
dc.description.abstract | Isihloko salolu cwaningo sithi: Uguquko Ekubhalweni Kwezinkondlo Zolimi LwesiZulu: Kuqhathaniswa Amaqoqo kaVilakazi, B.W. nakaMavuso, B. Lolu cwaningo luhlose ukuqhathanisa izinkondlo ezabhalwa eminyakeni yakudala (1935 - 1945) zibhalwa uB.W. Vilakazi, ziqhathaniswa nalezo ezibhalwe kamuva (2006 - 2015) zahlelwa uB. Mavuso. Esahlukweni sokuqala kulapho kwethulwa khona ucwaningo futhi isona ebesichaza isihloko esidingidwayo. Indaba yokudingeka kwalolu cwaningo kukhulunyiwe ngayo lapha kulesi sitanza sokuqala. Umklamo walolu cwaningo wethuliwe nawo kulesi sahluko. Kwavezwa nezingqinamba umcwaningi ahlangabezane nazo ngenkathi eqhuba lolu cwaningo. Kwavezwa imibuzo ezophendulwa yilolu cwaningo. Umlando wengqalabutho kulo mkhakha uB.W.Vilakazi uvezwe kafushane nawo kulesi sahluko, kanjalo nembongi ebhale amaqoqo ezinkondlo zakamuva uB. Mavuso. Umcwaningi ubheke imibhalo eminingi ephathelene nobuciko bezinkondlo ukuze akwazi ukuqhathanisa le mibhalo. Kubuyekezwe imibhalo yongoti bakwamanye amazwe nabalapha kwelengabade. Kulolu cwaningo kusetshenziswe izinjulalwazi ezimbili oku-hermeneutics nepost colonialism okuyizona ezithathwa njengeziphakamiso lapho imibhalo emisha isuselwa khona. Umcwaningi ukhethe ukusebenzisa pharadaymu ngoba ixhumene nemigudu yokwembula izincazelo ezifihlekile emibhalweni. Kulolu cwaningo kusetshenziswe amapharadaymu ukuqoqa ulwazi ngoba yiwona angumgogodla wocwaningo futhi ayasiza ukuhumusha imibhalo ebhaliwe. UMazibuko (2008:68) uthi ngokwale pharadaymu eqondayo lokho okucwaningwayo kusayensi yenhlalo kufanele kube nokuxhumana phakathi kwalokho okucwaningwayo nalokho okwenzeka emphakathini. Izindlela zokuqoqa ulwazi nazo azisalanga, okwenze umcwaningi aqoke indlela yekhwalithethivu ngoba iyona egxile ekutheni izinto zizenzekele, ngoba imiphumela yalapho ayidingi izinombolo ukuze icutshungulwe. NgokukaCreswell (2009:4) ucwaningo lwekhwalithethivu luyindlela yokuthola nokuqonda incazelo yomuntu nomuntu noma yeqoqwana eyakhekayo ezinkingeni zomphakathi. Umcwaningi uqhubekile nokuhlaziya lokho okutholakele kulolu cwaningo, ngokukhetha izinkondlo ezingamashumi amabili nanhlanu kula maqoqo kaVilakazi wabe eseveza amabalengwe nje ezinkondlo okutholakele kuzona ubunkondlo obuqanda ikhanda. Uphinde waveze nakwezikaMavuso, izibonelo zezinkondlo enze ngazo amasampula ezingamashumi amabili nanhlanu. Sezizonke izinkondlo okwenziwe ngazo izibonelo zingamashumi amahlanu (50). Imiphumela iyaveza ukuthi lukhona uguquko oselukhona uma kubhekwa isakhiwo nolimi ezinkondlweni zakamuva. Ucwaningo luyasitshengisa futhi ukuthi ababhali bezinkondlo bakamuva bakha phezulu kakhulu uma bebhala izinkondlo zabo. Kuvela ukuthi izinkondlo zabo azinawo umsoco wobunkondlo odingekayo ngenxa yokuthi bashiya ngaphandle izifengqo futhi basebenzisa ulimi olulula noluyiphrozi. Lo mkhuba uyawululaza kakhulu umsebenzi wobuciko nohlonishwa kakhulu. Kuyancomeka nje ukuthi ababhali bezinkondlo bakamuva bazinike isikhathi uma befuna ukubhala izinkondlo ezisezingeni elamukelekile nezihlabahlosile kumele basebenzise amagama anembayo nolimi olunothe ngezifengqo. Izibongo zamakhosi ziwuhlobo oluyisibonelo esihle sezinga eliphezulu lobunkondlo. Ulwazi olutholakele kulolu cwaningo lungaba wusizo olukhulu kulabo abanelukuluku lokubhala izinkondlo. Umcwaningi ube esephetha lolu cwaningo ngokuveza izincomo kumbe iziphakamiso zocwaningo oluhlobene nalesi sihloko olusengenziwa ngabanye abacwaningi. | en_US |
dc.identifier.uri | https://researchspace.ukzn.ac.za/handle/10413/19841 | |
dc.language.iso | other | en_US |
dc.subject.other | Uguquko ekubhalweni. | en_US |
dc.subject.other | Kwezinkondlo zolimi lwesizulu. | en_US |
dc.subject.other | Kuqhathaniswa amaqoqo. | en_US |
dc.title | Uguquko ekubhalweni kwezinkondlo zolimi lwesizulu: kuqhathaniswa amaqoqo kaVilakazi, B. W. nakaMavuso B. | en_US |
dc.type | Thesis | en_US |