Repository logo
 

Indima edlalwa ezobuchwepheshe ukuqhakambisa iqhaza lobuciko bomlomo ezimpilweni zabantu.

Loading...
Thumbnail Image

Date

Journal Title

Journal ISSN

Volume Title

Publisher

Abstract

Izinhlobo ezehlukene zobuciko bomlomo zinesasasa elikhulu kakhulu ezweni laseNingizimu-Afrika, khona kunjalo kuyiqiniso elingephikwe ukuthi akuzona zonke izinhlobo zobuciko bomlomo ezinale nhlanhla yokuthakaselwa yisizwe ngoba ezinye nje zagcina ukunakwa ngesikhathi sasendulo lapho umhlaba usamuhle. Izinkondlo nomculo-ke zingezinye zalezi zinhlobo ezithakaselwa kakhulu ngabantu okwenza ukuthi zingagcini nje ngokuba yinto yasezindaweni ezisemakhaya kodwa zitholakale ngisho nasemadolobheni ngenxa yokusatshalaliswa ezobuchwepheshe esezingenisile emiphakathini esiphila kuyo. Lolu cwaningo luphenya kabanzi ngendima edlalwa ezobuchwepheshe ukuqhakambisa iqhaza lobuciko bomlomo ezimpilweni yabantu. Kulolu ucwaningo kugxilwe ekuthungathweni kolwazi mayelana nomlando kanye nemisebenzi yobuciko bomlomo emphakathini, umthelelela wobuchwepheshe ebucikweni bomlomo nasolimini olusetshenziswa ebucikweni bomlomo nolimi jikelele. Ucwaningo lusebenzise indlela yekhwalithethivu ukuqhuba izingxoxo, ukulalela amarekhodi aqoshiwe ehlukene, kanye nokuthungatha imibono nolwazi ngalokho okuphathelene nesihloko esicwaningwayo. Kusetshenziswe injulalwazi ye-Cycle of Socialization nenjulalwazi i-Hermenuetics ukuhlaziya ulwazi ngemibono eyethulwa ngomomthelela wezobuchwepheshe ebucikwenini bomlomo obucwaningwayo. Lezi yizinjulalwazi umcwaningi abone zizomelekelela kangcono ekuhlaziyeni imibhalo. Imiphumela yalolu cwaningo ihlonze ukuthi ubuchwephesha bunemithelela emihle nengemihle ebucikweni bomlomo, lapho kuvele khona ukuthi buyasiza ukusabalalisa izindlela ezithile zobuciko bomlomo ukuze zifinyelele kalula kuye wonke umuntu. Kolunye uhlangothi bunonomthelela omubi ngokuthi bukhiphele ngaphandle eminye imisebenzi yobuciko bomlomo okungabalwa kuyo ukugcinwa kwagugu namasiko akwaZulu nokugcinwa kolimi

Description

Masters Degree. University of KwaZulu-Natal, Durban.

Keywords

Citation