Inqubo elandelwayo ekukhulisweni kwabantu besilisa esizweni samaZulu: kubhekiswe endaweni yaseHarding eSantombe.
Loading...
Date
Authors
Journal Title
Journal ISSN
Volume Title
Publisher
Abstract
Lolu cwaningo luphenya ngenqubo elandelwayo ekukhulisweni kwabantu besilisa esizweni samaZulu. Lokhu kubhekiswe endaweni yaseHarding, eSantombe. Inqubo elandelwayo ekukhulisweni kwabantu besilisa esizweni samaZulu ihamba ibanga elide kakhulu. Kusukela umuntu wesilisa ezelwe emncane, ekhula eba ngumfana, engena ebunsizweni kuze kufika esigabeni sokuba indoda. Okutholakele ocwaningweni ukuthi ukukhuliswa kwabantu besilisa kungumsebenzi onzima. Kudinga isineke, ukucophelela nokubekezela. Okuqaphelekayo ukuthi inqubo yokukhuliswa kwabantu besilisa idlala indima enkulu ekwakhiweni kwabantu besilisa. Umuntu wesilisa okhule ngaphansi kwenqubo ethile ukhula abe yindoda eqotho ehlome ngolwazi namava empilo. Kuzona zonke izimpendulo zababambiqhaza inhlonipho ibingasali. Lokhu kusho ukuthi kwaZulu inhlonipho iyisisekelo sempilo. Lokhu kwesekwa uNgwenya (2015:1) lapho ethi “inhlonipho iyona eyinsika yesizwe samaZulu. Ngaphandle kwenhlonipho isizwe samaZulu asinamuva asinaphambili. Impilo yomuntu ongumZulu yencike ekuhlonipheni. Ubuntu bomuntu wakwaZulu bakhelwe enhlonipheni, ngaphandle kwenhlonipho kungevele lutho”. Inhlonipho iyinsika esizweni samaZulu. Esinye isibaya esimqoka sokukhula komuntu wesilisa ukwelusa. Ekwaluseni ilapho umfana eqhathwa khona izingqwele, ngenhloso yokufunda amava okulwa namacebo okunqoba impilo. Ekwaluseni ilapho futhi umfana efunda khona nenhlonipho kontanga bakhe ukuze ezofunda nokuhlonipha abantu abadala. Ucwaningo lusebenzise indlela yekhwalithethivu ukuthungatha ulwazi ngemibono eyethulwa ababambiqhaza abehlukene. Ukuqhuba lolu cwaningo umcwaningi usebenzise injululwazi yeModernization nenjululwazi yeCultural Evolution ukuhluza nokuthungatha imibono eyehlukene eyethulwe ngezingxoxo zababambiqhaza bocwaningo. Lezi zinjulalwazi zibheka inqubo yesimanjemanje kusuka kuguquko lwemiphakathi yendabuko. Ukuguquka kwesiko nokungumqondo wokuthi amasiko abantu ayashintsha. Lokhu kufaka ushintsho ezinkolelweni zabantu, ulwazi, imikhuba, amakhono, indlelakuziphatha, izilimi nokunye okuningi. Okutholakele ukuthi inqubo elandelwayo ekukhulisweni abantu besilisa ibaluleke kakhulu ngoba iyamakha umuntu iphinde futhi imukhalime kwizinqumo zakhe zempilo. Umuntu wesilisa okhule ngaphandle kwenqubo ethile imvamisa impilo yakhe iba nemiphumela engemihle kahle.
Description
Masters Degree. University of KwaZulu-Natal, Durban.
Keywords
Citation
Collections
Endorsement
Review
Supplemented By
Referenced By
Creative Commons license
Except where otherwise noted, this item's license is described as CC0 1.0 Universal

