Ubunkondlo obutholakala ezihlabelelweni zamaNazaretha.
Abstract
Lona ngumsebenzi wocwaningo oluhlelwe ngokwezahluko eziyisihlanu. Ucwaningo olwenziwe kulo msebenzi lumayelana nobunkondlo obutholakala ezihlabelelweni zamaNazaretha.
Isahluko sokuqala
Kulesi sahluko ilapho kwethulwa khona ucwaningo ngokuthi kuchazwe isihloko socwaningo esingumgogodla wocwaningo lonke. Kulesi sahluko kuvezwa kafushane okuzogxilwa kukhona ocwaningweni. Kuvezwa izinhloso kanye nezidingo zocwaningo ngenjongo yokukhanyisa umsuka wocwaningo olwenziwayo. Kubuye kubhekwe izindlela zokwenza ucwaningo ezizosetshenziswa ocwaningweni. Kuvezwa ngamafuphi ukuthi ucwaningo luzokwenziwa kanjani. Kuphinde kuthulwe izinjulalwazi zocwaningo eziyisisekelo socwaningo. Kugcinwe ngokuveza umklamo wocwaningo nomklamo wezahluko lapho kuvezwa khona ngamafuphi ukuthi ucwaningo luzogxila kuphi nokuthi umcwaningi izahluko zocwaningo uzozilandelanisa kanjani.
Isahluko sesibili
Lesi isahluko esiyisendlalelo socwaningo lonke. Kulesi sahluko kuxoxwa kabanzi ngobunkondlo obutholakala ezihlabelelweni zamaNazaretha. Kubhekwa imibhalo yesiZulu ngamafuphi ngenhloso yokubheka imibhalo eyashicilelwa esikhathini esiphambili ukuthi yayikhuluma ngani imvamisa. Kuzoba khona ukufingqwa kwemibhalo okugxilwe kuyona lapha ocwaningweni. Kuzophinde kubukezwe nemibhalo esiyenziwe ehlobene nesihloko socwaningo olwenziwayo.
Isahluko sesithathu
Izindlela zocwaningo kanye nenjulalwazi
Isahluko sesine Lesi sahluko sizohlaziya ulwazi oluqoqiwe mayelana nobunkondlo obutholakala ezihlabelelweni zaseNazareth Baptist Church.
Isahluko sesihlanu
Isiphetho socwaningo.