Ngcobo, Tholakele Ruth.Siwela, Sizwe Oosie.2016-05-112016-05-112015http://hdl.handle.net/10413/12926M.A. University of KwaZulu-Natal, Pietermaritzburg 2015.Lo mbhalo ukhuluma ngamasiko esiZulu abukeka ehlukumeza abantu besifazane ngezindlela ezahlukene. La masiko ekugxilwe kuwona isiko lokuzila nesiko lokungenwa. Konke lokhu kwenziwa kususelwa ezincwadini ezimbili ezingamanoveli ethi ‘Ifa Lenkululeko’ nethi ‘Ifa Ngukufa.’ ukuguquka kwesiko yikho okubukeka kuyinto enomthelela omkhulu ekuhlukumezekeni kwabantu besifazane ngenxa yamasiko. Kubuye kuvele ukuthi abantu abaningi abasahambisani namasiko ayenziwa emandulo ngenxa yokuthi awasahambisani nesikhathi sanamuhla. Lokhu kuvezwa izingxoxo ezenziwe kuxoxiswana nabantu bemiphakathi eyahlukene eyakhele indawo yaseMgungundlovu. Kubuye kuvele ukuthi abanye abantu basaweseka la masiko yize engahambisani nesikhathi sanamuhla. Kugqama ukuthi amasiko anezingxenye ezimbili njengalokhu eguquka nje, kukhona okuhle ngawo kanti futhi kukhona nokubi ngawo. Okucacayo ukuthi ngeke kwagwemeka ukuguquka kwamasiko njengalokhu inkathi yokuphila ishitsha, nezizwe sezahlala ngokuxubana ndawonye.otherCulture in literature.Zulu fiction--History and criticism.Zulu literature--History and criticism.Zulu (African people)--Women.Gender identity.Theses--IsiZulu.Ukuguquka kwesiko kuveza ukuhlukumezeka kwabantu besifazane kubhekiswa ezincwadini ezingamanoveli athi : ifa lenkululeko, ifa ngukufa.Thesis