Zulu, Nogwaja Shadrack.Sosibo, Sandisiwe.2025-10-292025-10-2920252025https://hdl.handle.net/10413/24002Masters Degree. University of KwaZulu-Natal. Pietermaritzburg.Kunezinhlobo ezahlukene zezichazamazwi, kubalwa isichazamazwi esilimilunye, isichazamazwi esilimimbili, isichazamazwi esiliminingi kanye nesichazamazwi esisubject specific. Zonke lezi zichazamazwi zenza umsebenzi ofanayo wokunikeza izincazelo zamagama kodwa umsebenzi wazo awupheleli lapho. Izichazamazwi zinikeza ulwazi oluningi lolimi isibonelo, uhlelo lolimi, ukusebenza kwegama emushweni kanye nendlela yokuphimisa. Uhlobo lolwazi olutholakala esichazamazwini lunqunywa uhlobo lwesichazamazwi kanye nenhloso yaso isichazamazwi. Ucwaningo lubhalwe ngenxa yenkinga etholakele yokuthi abantu abakuqondi ngokuphelele ukuthi izichazamazwi ziyini kanye nomsebenzi eziwenzayo. Ucwaningo lolu luhlose ukuveza umsebenzi owenziwa izichazamazwi zesiZulu kanye nokugqugquzela ukusetshenziswa kwazo njengamathuluzi okufunda ulimi lwesiZulu. Ukuze lufeze inhloso ebhalwe ngenhla, ucwaningo luhlaziye izichazamazwi ezimbili zesiZulu ezivame ukusetshenziswa esikhathini samanje. Isichazamazwi sokuqala Isichazamazwi SesiZulu esilimilunye sikaMbatha (2006), isichazamazwi sesibili iScholar’s Zulu Dictionary esilimimbili sikaDent no Nyembezi (2009). Ucwaningo luhlaziye ukuchazwa kwamagama, ukusetshenziswa kwezibonelo, ukufakwa kolwazi lohlelo lolimi kanye nokuchazwa kwendlela yokuphimisa kulezi zichazamazwi ezikhethiwe ngenhloso yokuveza ukuthi lolu lwazi lubalekelela kanjani abasebenzisi balezi zichazamazwi abafunda ulimi lwesiZulu. Imiphumela yocwaningo ikhombisa ukuthi lezi zichazamazwi ezikhethiwe ziyizincwadi ezifanelekile ukuba zisetshenziselwe ukufunda nokuthuthukisa ulimi lwesiZulu. Ziqukethe ulwazi olumqoka oluhlomulisa abasebenzisi bazo izichazamazwi ngolwazi oluyisisekelo lokufunda ulimi lwesiZulu.otherCC0 1.0 Universalhttp://creativecommons.org/publicdomain/zero/1.0/Zulu dictionary.Izichazamazwi.Scholar’s Zulu dictionary.Zulu language.lexicography.Ukuhlaziya iqhaza lesichazamazwi esilimilunye sikaMbatha (2006) nesilimimbili sikaDent noNyembezi (2009) ekufundweni nasekuthuthukisweni kwesiZulu.Thesis