Mazibuko, Gugulethu Brightness.Zondo, Nolungelo.2022-10-312022-10-3120212021https://researchspace.ukzn.ac.za/handle/10413/21058Masters Degree. University of KwaZulu-Natal, Pietermaritzburg.Lolu cwaningo luhlaziya ukukloloda emculweni kamasikandi kubhekwa uKhuzani Mpungose noMthandeni Manqele. Luveze izinto ezahlukene eziholela ekutheni kubekhona ukukloloda emculweni wabaqokiwe. Kulolu cwaningo kusetshenziswe indlela yekhwalithethivu ukuqoqa ulwazi olundingekayo. Ucwaningo ngokwekhwalithethivu lugxile ezintweni ezenzeka ngokwemvelo yazo. Umcwaningi usebenzise uhlaziyomibhalo ukuze athole imiphumela abeyilindele ocwaningweni. Ubelalela aphinde abhale izingoma okuyizona ezinokukloloda. Nesu lokubukela libambe iqhaza elikhulu ekuqoqeni ulwazi lwalolu cwaningo. Imicimbi eyayiqoshwe ngesikhathi esiphambilini nayo umcwaningi ubeyibuka. Izinkundla zokuxhumana nazo zibe nelazo iqhaza ekutholeni ulwazi, umcwaningi ubelandela omasikandi abaqokiwe ukuze kuthi uma kukhona abakufaka ezinkundleni zokuxhumana asheshe akubone. Injulalulwazi yokungqubuzana kwemibono neye-Orality yizona ezasetshenziswa kulolu cwaningo. Injulalulwazi yokungqubuzana kwemibono yayilungile ngoba amaculo asetshenziselwe lolu cwaningo aveza ukukloloda okukhona ukungezwani ngokwemibono. Njengoba umculo uwubuciko bomlomo yayingeke isale injulalulwazi ye-Orality egcizelela ukunotha kobuciko bomlomo. lmiphumela yalolu cwaningo iyakuveza ukuthi ziningi izinto omasikandi abazivezayo emculweni wabo kepha iningi labalaleli abakushaya indiva bangazibuzi ukuthi kudalwa yini.otherIzingoma zamaskandi.Traditional African music.Izinkundla zokuxhumana.Social media.Orality theory.Injulalwazi ye-orality.Ukukloloda emculweni kamaskandi: kubhekwa abaculi oKhuzani Mpungose kanye noMthandeni Manqele.Thesis