Gumbi, Phephani.Shezi, Zinhle.2025-11-202025-11-2020242024https://hdl.handle.net/10413/24134Masters Degree. University of KwaZulu-Natal, Durban.Lolu cwaningo luhlose ukubheka ukufundiswa kwekhono lokubhala isiZulu ulimi lwaseKhaya ebangeni leshumi ezikoleni ezimbili eziqokiwe. Lolu cwaningo luzimisele ukuphendula imibuzongqangi emithathu yocwaningo, nokuyilena elandelayo: (I) Kungabe othisha bebanga leshumi bakuqonda kanjani ukufundisa ikhono lokubhala olimini lwesiZulu ulimi lwaseKhaya? (II) Kungani othisha befundisa ikhono lokubhala olimini lwesiZulu ulimi lwaseKhaya ebangeni leshumi ezikoleni ezimbili eziqokiwe ngendlela abalufundisa ngalo? (III) Basebenzisani othisha besiZulu ulimi lwaseKhaya bebanga leshumi uma befundisa ikhono lokubhala ezikoleni ezimbili eziqokiwe? Lolu cwaningo lwenziwe endaweni yaseNanda nokuyiLokishi laKwaZulu-Natali. Inhloso yokuqokwa kwale ndawo yocwaningo yingoba kunezikole ezifundisa isiZulu njengo limi lwaseKhaya kanti nalolu cwaningo lugxile esiZulwini njengolimi lwaseKhaya. Ucwaningo lwenziwe ezikoleni ezimbili eziqokiwe ezisesiYingini esisodwa. Abahlanganyeli bocwaningo bane (4) sebebonke, babili (2) isikole ngasinye. Lolu cwaningo lungucwaningo lobunjalo botho ngaphansi kwePharadaymu yomhumusho. Ukuqoqa ulwazi kusetshenziswe izinhlolombuzo ezivulelekile kanye nokubukela (observation) kuphindwe kwasetshenziswa imibhalo eshicilelwe ukuqoqa ulwazi locwaningo. Ucwaningo luqhamuke nezindikimba ezine (4) ngaphansi kokutholakele ngesikhathi sezinhlolombuzo ezivulelekile ezihambelana nemibuzongqangi. Okuyilezi: (I) Okuphawulwa ngothisha ngekhono lokubhala kanye nangamanye amakhono olimi. (II) Ukufundisa ikhono lokubhala. (III) Izinsizakufundisa ezisetshenziswa ngothisha lapho befundisa ikhono lokubhala. (IV) Amasu kanye nezindlela zokufundisa ezisetshenziswa othisha lapho befundisa ikhono lokubhala. Ngaphansi kokubukela khona, kuphindwe kwasetshenziswa ithuluzi lokubukela. Okutholakele wukuthi othisha banenkolelo yokuthi abafundi abasebangeni leshumi kufuze ngabe ukubhala sebeyakwazi noma ikhono labo lokubhala selithuthukile. Nokuyinto enganconywa yilolu cwaningo ngoba imfundo kayikhulelwa kanti ebangeni leshumi ilapho leli khono kumele lithuthukiswe khona kakhulu kunakuqala. Okunye wukuthi othisha bathi kunzima ukuqhamuka namasu kanye nezindlela zokufundisa ulimi ngoba yonkinto isobala. Okunye ukuthi abafundi abanikwa imisebenzi eyanele ukuthuthukisa leli khono, nokuyilapho lolu cwaningo luphetha ngokuthi imbangela yokungathuthuki kwekhono lokubhala isiZulu ulimi lwaseKhaya ebangeni leshumi kulezi zikole ingenxa yalezi zizathu ezidadulwe ngenhla.otherCC0 1.0 Universalhttp://creativecommons.org/publicdomain/zero/1.0/Amasu nezindlela zokufundisa Ikhono lokubhala isiZulu.Ibanga leshumi.Ungucwaningo lobunjalo botho.Izinsizakufundisa.Ukufundiswa kwekhono lokubhala olimini lwesiZulu ulimi lwasekhaya ebangeni leshumi ezikoleni ezimbili eziqokiwe.Thesis