Sibiya, Nakanjani Goodenough.Zulu, Sithabiso Christian.2018-09-212018-09-2120172017http://hdl.handle.net/10413/15450Master of Art in African Languages. University of KwaZulu-Natal. Pietermaritzburg, 2017.Lolu cwaningo luzogxila endikimbeni yokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane emibhalweni yesiZulu eyahlukahlukene. Luzobheka izinto ezahlukahlukene ezithinta le ndikimba okungabalwa okubalwa kuzo izinhlobo, izimbangela, imiphumela kanye nesimomqondo ngokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Inhloso yalolu cwaningo ukuveza ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane njengoba kuvezwe ngababhali abahlukahlukene bemibhalo yesiZulu. Lolu cwaningo luzosebenzisa injulalwazi yokufundiswa ngenhlalo yabantu ukuveza amaphuzu abalulekile athinta lolu cwaningo. Le njulalwazi ibheka indlela abantu abafunda ngayo ezintweni ezenzeka empilweni yabanye abantu. Ngakho-ke le njulalwazi izocacisa kahle lokho okutholakala emibhalweni yesiZulu eyingxenye yalolu cwaningo nokuthi okutholakale ocwaningweni kuhlobene kanjani nezimo abantu abakhuliswa ngayo emphakathini. Kulolu cwaningo umcwaningi uzofunda imibhalo yesiZulu enendikimba yokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Umcwaningi uzogxila kulezo zigameko ezithinta ukuhlukunyezwa emibhalweni. Kuzogxilwa kakhulu kulokho okushiwo ngumxoxi embhalweni ngamunye mayelana nokuhlukunyezwa kanye nalokho okuvezwa ngabalingiswa ngezenzo, izimomqondo nangamazwi abawasho bona ngokwabo ezimweni eziphathelene nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.en-ZAWomen abuse.Children abuse.Zulu literature.Ukuvezwa kokuhlukumezwa kwabesifazane nezingane emibhalweni yesiZulu.Thesis