Sibiya, Nakanjani Goodenough.Xaba, Melusi.2018-12-112018-12-1120182018http://hdl.handle.net/10413/15913Doctor of Philosophy in African Languages. University of KwaZulu-Natal. Pietermaritzburg, 2018.Lona ngumsebenzi wocwaningo ohlelwe ngokwalezi zahluko eziyisikhombisa.Ucwaningo olwenziwe kulo msebenzi lumayelana nendikimba yokudingiswa etholakala ezinkondlweni zesiZulu zikaMazisi Kunene. Isahluko sokuqala Kulesi sahluko ilapho kuthulwa khona ucwaningo ngokuthi kuchazwe isihloko socwaningo esingumgogodla wocwaningo lonke. Esahlukweni lesi kuvezwa kafushane okuzogxilwa kukhona ocwaningweni, kuchazwe amagama azobe eqavile ocwaningweni lonke. Kuvezwa izinhloso kanye nezidingo zocwaningo ngenhloso yokhanyisa umsuka wocwaningo olwenziwayo. Kubuye kubhekwe izindlela zokwenza ucwaningo ezizosetshenziswa ocwaningweni. Kuvezwa ngamafuphi ukuthi ucwaningo luzokwenziwa kanjani. Kuphindwe kuthulwe izinjulalwazi eziyisisekelo socwaningo. Kugcinwa ngokuveza umklamo wocwaningo kanye nomklamo wezahluko lapho kuvezwa khona ngamafuphi ukuthi ucwaningo luzogxila kuphi nokuthi umcwaningi izahluko zocwaningo uzozimisa kanjani. Isahluko sesibili Lesi yisahluko esiyisendlalelo socwaningo lonke. Kulesi sahluko kuxoxwa kabanzi ngezinkondlo nokuthi buyini ubunkondlo. Kuzophinde kubuyekezwe nemibhalo ehlobene nesihloko socwaningo olwenziwayo. Isahluko sesithathu Lapha kubhekwa izindlela zokuqhuba ucwaningo kanye nezinjulalwazi eziyisekelo socwaningo lonke.en-ZAZulu poetry.Kunene Mazisi.Racism.Exile.Freedom.Indikimba yokudingiswa ezinkondlweni zikaMazisi Kunene zesiZulu.Thesis