Nkosi, Zinhle Primrose.Shozi, Balungile Prudence.2016-10-032016-10-0320152015http://hdl.handle.net/10413/13395Master of Arts in IsiZulu.Lolu ucwaningo olubheka isimomqondo sothisha nabafundi bebanga le-11 mayelana nesifundo sesiZulu esikoleni esiseThekwini. Lugxile ekucwaningeni isimomqondo (attitudes) sothisha nabafundi ukuze kuvele ukuthi basibuka kanjani isiZulu njengesifundo nanjengolimi olusetshenziswa emphakathini, kuphinde kucace nezizathu zokwenza kwabo. Lolu cwaningo luphendula imibuzongqangi emithathu okuyilena elandelayo: 1) Bathini othisha nabafundi mayelana nokufundwa kwesiZulu esikoleni? 2) Othisha nabafundi banasimomqondo sini mayelana nesiZulu njengolimi lokuxhumana esikoleni nasemphakathini? 3) Yini edala ukuba othisha nabafundi babe nesimomqondo abanaso ngolimi lwesiZulu kulesi sikole? Kusetshenziswe izindlela zekhwalithethivu ukuqoqa nokuhlaziya ulwazi olutholakele. Ucwaningo lungaphansi kwepharadaymu ye-critical kanti lusebenzisa izindlela zocwaningo oluyi-case study. Izindlela zezingxoxo ezisakuhleleka zisetshenziswe ukuthola ulwazi locwaningo kothisha nabafundi ababeyingxenye yocwaningo. Othisha ababeyingxenye yocwaningo bathathu bese kuba nabafundi abayi-12 abafunda isifundo sesiZulu njengolimi lwasekhaya. Phakathi kokutholakele kuyavela ukuthi bakhona abanye othisha nabafundi abasenensila yobukoloni kumbe yobandlululo emiqondweni yabo, okwenza ukuba bachizele ulimi lwabo, babone isiNgisi njengokuyilona lulimi oluphucuzekile noluhloniphekile. Nakuba kunjalo, kuyavela ukuthi bakhona abanye othisha nabafundi abayimbijana asebekubona ukubaluleka kolimi lwabo lwesiZulu. Ucwaningo luncoma ukuthi okungasiza ukuba uHulumeni kazwelonke alekelele indlela umphakathi, abazali, othisha kanye noMnyango wezeMfundo ababuka ngayo isiZulu. Ucwaningo lusonga ngokuthi abanye abahlanganyeli bocwaningo basenensila yobandlululo emiqondweni yabo, kanti kwabanye isisukile le nsila.en-ZATeachers -South Africa--Durban--Attitudes.Zulu literature--Study and teaching (Secondary)--South Africa--Durban.Language and languages.Theses -- IsiZulu.Ucwaningo ngesimomqondo sothisha nabafundi bebanga le-11 ngesifundo sesiZulu esikoleni esiseThekwini.Thesis