Sibiya, Nakanjani Goodenough.Qwabe, Thembinkosi Blessing.2016-09-262016-09-2620152015http://hdl.handle.net/10413/13379Master of Arts in IsiZulu.Lolu cwaningo lubheka ukukhononda ezinkondlweni zika-J.C.Dlamini azibhale ngesikhathi sobandlululo eNingizimu Afrika. Lucwaninga indikimba yokukhononda ezinkondlweni zakhe luveze ukuthi kwakuyiziphi izinto ayekhononda ngazo; imaphi amasu awasebenzisa ukubhala lezo zinkondlo kanye nezinhloso zakhe zokubhala lezo zinkondlo. Ngale kokuveza izinto ayebhala ngazo, lubuye luveze namasu awasebenzisile ukubhala lolu hlobo lwezinkondlo ngesikhathi lapho umbuso wobandlululo wawukwenze kwaba nzima khona kubabhali ukuba babhale ngokukhululeka. Luveza isibindi nobuchule bakhe ekubhaleni izinkondlo ezinendikimba yokukhononda. Ucwaningo lusebenzisa ithiyori ye-Marxism kanye neye-Post-colonialism. La mathiyori akwenza kube lula ukwenza lolu cwaningo ngokubheka ubudlelwane phakathi kwezinkondlo zika-J.C.Dlamini kanye nesikhathi ezibhalwe ngaso. Lubalulekile lolu cwaningo ngokuchitha imibono yabanye abacwaningi ababopha ngabhande linye bathi imibhalo yesintu ayikwazanga ukuveza impilo yabantu ngezikhathi zobandlululo; ubuhlungu, usizi, ukuhlushwa nokubandlululwa kwabantu ababecindezelwe. Luveza okwakwenzeka ngaleso sikhathi nokuthi abantu abamnyama bathwala kanzima kangakanani.en-ZADlamini, J. C -- Poetry.Protest poetry -- History and criticism.Theses -- IsiZulu.Ukukhononda ezinkondlweni zika- JC Dlamini ezibhalwe ngesikhathi sobandlululo.Thesis