Maphumulo, Abednego Mandlenkosi.Tshabalala, Thembeni Elizabeth.2016-10-032016-10-0320152015http://hdl.handle.net/10413/13423Master of Arts in IsiZulu.Kuningi osekwenziwe uhulumeni waseNingizimu Afrika ukuqaphelisa abantu ngalesi sifo ingculazi. Imisakazo, amaphephandaba, amaphephabhuku kanye nomabonakude bahluba udlubu ekhasini beluleka ngezindlela zokugwema ukwesuleleka ngalolu bhubhane. Kubukeka sengathi imiphakathi ayikaxwayiseki ngokwanele ngoba abantu basafa okwezintuthwane yilesi sifo. Abanye bame ngokuthi kuyashiwo eBhayibhelini ku-2Tim 3:1-9 ukuthi ngezinsuku zokugcina kuyoba nezifo ezingelapheki ngakho akukho abangakwenza ukuzaphula kulo mlilo. Engani bakholelwa ekutheni yizo izinsuku zokugcina lezi esiphila kuzo. Ababhali abaningi bemibhalo yesiZulu esikhathini esiphambilini bebenokuyishalazela indikimba yengculazi emibhalweni yabo. Kepha kamuva nje sebeke babhala ngayo ukuze abafundi bemibhalo yesiZulu bathole ukwalulekwa. UMsimang (1986: 135) uthi: Ukushicilela umbhalo wesiZulu akusikona nje ukubhala indaba, kepha enye indlela yokwethula isibuko umphakathi okufanele uzibuke kuso. Kuyiqiniso ukuthi izindikimba okubhalwa ngazo zithathelwa empilweni ephilwa imiphakathi ngaleso sikhathi. Yingakho imibhalo inendikimba eyemene nesizinda. Nakuba isikhonyana imibhalo yesiZulu emayelana nendikimba yengculazi, kepha ayikandi kakhulu. Okunye okuphawuleka ngenkathi sifika lesi sifo ukuthi izimpawu zaso zathi azifane nogcusula okuyisifo esithelelana ngocansi naso. Kwake kwaba khona le nto yokuthi isifo sengculazi njengoba sifike siyigama lesiNgisi nje asibaphathi abantu abamnyama. Ngalezo zikhathi kwaziwa ngalesi sifo abantu abasha babethi igama elithi AIDS liyisifinyezo esimele ukuthi “American Ideas of Discouraging Sex”. Okungukuthi ngokwabo babebuka kuwumdlalo nje lo oshiwo ngalesi sifo. Inoveli yethula izimo abantu ababhekana nazo nsuku zonke ezimpilweni zabo. Lokhu kuyiqiniso elingephikiswe ngoba isifo sengculazi ngisho singamphethe umuntu kodwa ngandlela thize sithinta wonke umuntu, kungaba isihlobo sakho esihaqwe yileli gciwane noma ilunga lomndeni. Isibonelo salokhu abazali bakaDumazile, bona akuveli embhalweni kaWanda ukuthi banaso lesi sifo kodwa bayathinteka ngoba indodakazi yabo iyagula ibulawe yilesi sifo. Okubalulekayo ukuthi abantu bangafunda ngamaphutha enziwa umlingiswa othile embhalweni ukuze bona bangabi isisulu saleyo nkinga noma saleso simo. UWanda lapha akavezi abanye abalingiswa bethola izifundo kwabanye ngengculazi okungukuthi izifundo ziqonde ngqo kubafundi benoveli. UVan Dyk (2012:4) yena uthi: The origin of HIV: There were many speculations and theories in the early days about the origin of Aids epidemic. Some of these theories stated that Aids was not a new disease but that it has been present for centuries in Central Africa where it remained undetected because of the lack of diagnostic facilities. Other theories blamed the polio vaccine as a cause of Aids, because Polio vaccines were produced on cell cultures from kidneys of African green monkeys in 1950’s. Kungumbuzo ojwayelekile ukuthi savelaphi sona lesi sifo? Ngalo mbuzo abantu basuke bengaqondile indawo esavela kuyo, kepha basuke befuna ukwazi ukuthi saqala kanjani. Echaza ngenhla uVan Dyk (2012) uthi kuwukufunisela nje ukuthi saqala kanjani ngoba abanye bathi satholakala ngokusebenzisa izinso zezinkawu okwakwenziwa ngazo umjovo wokugomela uvendle.en-ZAZulu literature--South Africa.AIDS (Disease) in women--South Africa.HIV infections--Prevention.Theses--IsiZulu.AIDS awareness in Zulu novels.Ukuvezwa kwendikimba yengculazi enovelini ka M. E. Wanda, ethi "Kunjalo-ke".Thesis