Repository logo
 

Ingcindezelo engokobuhlanga njengoba ivezwa ubucikomazwi besiZulu.

Abstract

Lolu cwaningo lubheka ingcindezelo ngokobuhlanga emibhalweni yobucikomzawi besiZulu ebhalwe ngesikhathi sobandlululo nangesikhathi senkululeko eNingizimu Afrika. Lucwaninga indikimba yengcindezelo emibhalweni yeminxa eyahlukene luveze ukuthi ababhali bathi kwakuyiziphi izinto abansundu ababecindezelwa kuzo, imaphi amasu ayesetshenziswa ukubhala leyo mibhalo kanye nezinhloso zokubhalwa kwayo. Ngale kokuveza izinto le mibhalo ezidingidayo, lolu cwaningo lubuye luveze namasu asetshenzisiwe ukubhala lolu hlobo lwemibhalo ngesikhathi lapho umbuso wengcindezelo nobandlululo wawukwenze kwaba nzima khona kubabhali ukuba babhale ngokukhululeka. Luphinde luveze isibindi nobuchule bababhali ekubhaleni imibhalo enendikimba zengcindezelo ngokobuhlanga. Lolu cwaningo lusebenzisa ithiyori yeMaksizimu (Marxism). Le thiyori izolekelela ekwenzeni lolu cwaningo ngokubheka ubudlelwane phakathi kwale mibhalo kanye nesikhathi ebhalwe ngaso, ikakhulukazi ekuhlaziyeni isimo senhlalo esasibhekene nabansundu ngaphansi kwengcindezelo engokobuhlanga. Inhloso yalolu cwaningo ngukuchitha imibono yabanye abacwaningi ababopha ngabhande linye imibhalo yesintu, bethi ayikwazanga ukuveza impilo yabantu abansundu ngezikhathi zobandlululo; ayishongo lutho ngobuhlungu, usizi, ukuhlushwa nokubandlululwa kwabantu ababecindezelwe. Luveza okwakwenzeka ngaleso sikhathi nokuthi abantu abansundu bathwala kanzima kangakanani.

Description

Doctoral Degree. University of KwaZulu-Natal, Pietermaritzburg.

Keywords

Citation

DOI