Repository logo
 

Ukuvezwa kwemicabango yabalingiswa ngempilo yabathandana nobulili obufanayo ezindabeni ezimfishane nasemanovelini akhethiwe esiZulu.

Loading...
Thumbnail Image

Date

Journal Title

Journal ISSN

Volume Title

Publisher

Abstract

Uma kuke kwaphathwa igama elithi, ubutabane abantu babuthisa izinhlonze, bahlahle amehlo. Kungaba isemindenini noma emphakathini kuyefana. Lolu hlobo lwempilo kwabanye lubukeka sengathi isifo noma umkhuhlane othile othathelanayo futhi onobungozi. Esikhathini samanje ukuthandana nobulili obufanayo kuyindlela yokuphila esemthethweni ikakhulukazi lapha eNingizimu Afrika ngoba kuyilungelo elishicilelwe ngisho emthethweni sisekelo wezwe. Nakuba kunjalo imiphakathi eminingi yaseNingizimu Afrika ukuthandana kobulili obufanayo ikuthatha njengohlobo lwempilo oluvela emazweni aphesheya, ikholelwa ekutheni akusiyo indlela yempilo yalapha e-Afrika. Intshisekelo yokwenza lolu cwaningo isuka khona lapho ekutheni iyingcosana imibhalo enale ndikimba esike yashicilelwa olimini lwesiZulu. Le mibhalo ekhethiwe ecwaningwe lapha inhloso yayo ukuvula amehlo esizweni sonke ngokuthandana kobulili obufanayo. Lolu cwaningo lubuye lubheke nezinxushunxushu ezivela emibhalweni ecwaningiwe ezidalwa izifiso ezingasaphumelelanga zalabo abangamalungu omndeni ngenxa yokuthi indodana noma indodakazi yabo isiphumele obala ngesimo sobulili bayo. Ucwaningo lubheka nokuqhekeka kwemindeni okuholela ekwahlukaneni kwabashadile, ekuxabaneni kozalo ngenxa yezinqumo zalabo abathandana nobulili obufanayo. Lolu cwaningo lubheka izizathu ezenza umphakathi ungalwemukeli lolu hlobo lwempilo ikakhulukazi esizweni samaZulu. Ukukhuliswa komntwana ophila le mpilo kungenye yezinto eziphawuliwe kubhekiswa emibhalweni ecwaningiwe. Iqhaza elibanjwe usikompilo nalo liyagqama kulolu cwaningo. Kanjalo nokushayisana kwemiqondo phakathi kwalowo othandana nobulili obufana nobakhe kanye namalunga omndeni noma omphakathi kuyahlaziywa kulolu cwaningo kanjalo nezizathu zalesi simo. Umcwaningi ubheka nokuthi lezi zinqumo ezithathwa abalingiswa abaphila impilo yokuthandana nobulili obufanayo, zibaphatha kanjani abasondelene nabo. Kubuye kubhekwe nezimo ezinzima abantu abathandana nobulili obufanayo ababhekana nazo kanye nobungozi obuvezwe emibhalweni ecwaningiwe ngokuphumela obala kwalabo abaphila le mpilo.Ucwaningo lonke luhlose ukufundisa ngokuthandana kwabantu abanobulili obufanayo, luphinde luxwayise ngobungozi bokubacwasa njengoba umthethosikelelo wezwe weseka wonke umuntu oyisakhamuzi sakuleli.

Description

M.A. University of KwaZulu-Natal, Pietermaritzburg 2016.

Keywords

Homosexuality in literature., Sexism in literature., Gender identity in literature., Theses -- IsiZulu.

Citation

DOI