Repository logo
 

Ukuzibophezela ekuqhakambiseni usikompilo encwadini insumansumane ebhalwe ngu Elliot Zondi.

dc.contributor.advisorMathonsi, Nhlanhla Naphtal.
dc.contributor.advisorMagwaza, Thenjiwe S. C.
dc.contributor.authorMathonsi, Sibuselaphi.
dc.date.accessioned2011-12-13T13:39:02Z
dc.date.available2011-12-13T13:39:02Z
dc.date.created2002
dc.date.issued2002
dc.descriptionThesis (M.A.)-University of Natal, Durban, 2002.en
dc.description.abstractLolu cwaningo, "Ukuzibophezela ekuqhakambiseni usikompilo encwadini Insumansumane ebhalwe ngu-Elliot Zondi", luhlose ukuveza ukubaluleka kwezingxenye zosikompilo lukaZulu ezitholakala encwadini ebhalwe ngu-Elliot Zondi ethi iNsumansumane. Lolu cwaningo lugqugquzelwe ngukuthi imibhalo eminingi yesiZulu ayibukeki ikhuthaza okungamasiko namagugu esizwe sikaZulu kanti Insumansumane ibukeka izibophezele empilweni yesizwe sikaPhunga noMageba. Lokhu kuvela ezingxenyeni ezithile lapho uZondi ekhuthaza futhi eqhakambisa okungamagugu esizwe sikaZulu, ethi kufanele kugcinwe, kuhlonishwe ngoba kungumgogodla wesizwe. Ukubukezwa kwemibhalo esondelene nalolu cwaningo kuveze ukuthi abahlaziyi abathile banemibono eyahlukene ngomyalezo oqukethwe yiNsumansumane. Lolu cwaningo lubheke yonke lemibono lwase luqhamuka nombono owahlukile. UZondi kwiNsumansumane ulwa nemithetho yamaNgisi elumisa okwembabazane nephambene nenqubo yesizwe samaZulu. Imibhalo efana neNsumansumane iphonsa inselelo kwabanye ababhali besiZulu ukuba babhale bakhuthaze ukugcinwa kwamasiko esizwe sikaZulu. Insumansumane ikhombisa ukuthi ayisiwona nje umbhalo wokuba ufundwe ezikoleni kuphela, kepha nomphakathi kaZulu wonkana ungazuza okuningi okuyisisekelo sobuzwe bukaZulu. UZondi akagcini nje ngokuba aveze izinkinga ezikhungethe isizwe, kepha uveza nekhambi lokuxazulula lezi zinkinga. Insumansumane ingumbhalo ofundisayo nokhuthaza ukwazana nokubekezelelana kwezinhlanga ezakhele leli zwe, ezahlukene ngokwamasiko. Ngaphandle kokuthi Insumansumane iyakhuthaza, iyisibuko sikaZulu lapho izizukulwane ziyokwazi ukuzibuka khona, ziziqhenye ngobuzwe bazo, iphonsa inselelo kwabanye ababhali besiZulu ukuba babhale ngokungananazi bakhuthaze ukugcinwa kwamasiko esizwe sikaZulu. Ngenxa yemigomo yobufishane balolu cwanmgo, yokubheka kuphela ukuzibophezela kweNsumansumane kusikompilo lwezenhlalakahle yesizwe samaZulu, angikwazanga ukubheka eminye imikhakha kulo mdlalo nakweminye imibhalo ezibophezele kusikompilo lukaZulu. Ukwenza isibonelo nje, umbhalo kaMsimang (1975) othi Izulu eladuma eSandlwana, ubukeka ungomunye wemibhalo ezibophezele kusikompilo lwezenhlalakahle kaZulu. Kungaba ukubamba iqhaza elibalulekile ukuba kekucwaningwe kubhekwe ukuthi yiziphi izingxenye zosikompilo lwezenhlalakahle uMsimang aziqhakambisile nokuthi zibaluleke kangakanani esizweni.en
dc.identifier.urihttp://hdl.handle.net/10413/4606
dc.language.isoen_ZAen
dc.subjectZondi, Elliot. Insumansumane.en
dc.subjectTheses--IsiZulu.en
dc.titleUkuzibophezela ekuqhakambiseni usikompilo encwadini insumansumane ebhalwe ngu Elliot Zondi.en
dc.typeThesisen

Files

Original bundle
Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
Mathonsi_Sibuselaphi_2002.pdf
Size:
28.99 MB
Format:
Adobe Portable Document Format
Description:
Thesis.
License bundle
Now showing 1 - 1 of 1
No Thumbnail Available
Name:
license.txt
Size:
1.64 KB
Format:
Item-specific license agreed upon to submission
Description: