Repository logo
 

Ubunkondlo obutholakala ezihlabelelweni zamaNazaretha.

dc.contributor.advisorSibiya, Nakanjani Goodenough.
dc.contributor.authorMsomi, Melusi Ernest.
dc.date.accessioned2016-10-03T09:04:28Z
dc.date.available2016-10-03T09:04:28Z
dc.date.created2015
dc.date.issued2015
dc.descriptionMaster of Arts in IsiZulu.en_US
dc.description.abstractLona ngumsebenzi wocwaningo oluhlelwe ngokwezahluko eziyisihlanu. Ucwaningo olwenziwe kulo msebenzi lumayelana nobunkondlo obutholakala ezihlabelelweni zamaNazaretha. Isahluko sokuqala Kulesi sahluko ilapho kwethulwa khona ucwaningo ngokuthi kuchazwe isihloko socwaningo esingumgogodla wocwaningo lonke. Kulesi sahluko kuvezwa kafushane okuzogxilwa kukhona ocwaningweni. Kuvezwa izinhloso kanye nezidingo zocwaningo ngenjongo yokukhanyisa umsuka wocwaningo olwenziwayo. Kubuye kubhekwe izindlela zokwenza ucwaningo ezizosetshenziswa ocwaningweni. Kuvezwa ngamafuphi ukuthi ucwaningo luzokwenziwa kanjani. Kuphinde kuthulwe izinjulalwazi zocwaningo eziyisisekelo socwaningo. Kugcinwe ngokuveza umklamo wocwaningo nomklamo wezahluko lapho kuvezwa khona ngamafuphi ukuthi ucwaningo luzogxila kuphi nokuthi umcwaningi izahluko zocwaningo uzozilandelanisa kanjani. Isahluko sesibili Lesi isahluko esiyisendlalelo socwaningo lonke. Kulesi sahluko kuxoxwa kabanzi ngobunkondlo obutholakala ezihlabelelweni zamaNazaretha. Kubhekwa imibhalo yesiZulu ngamafuphi ngenhloso yokubheka imibhalo eyashicilelwa esikhathini esiphambili ukuthi yayikhuluma ngani imvamisa. Kuzoba khona ukufingqwa kwemibhalo okugxilwe kuyona lapha ocwaningweni. Kuzophinde kubukezwe nemibhalo esiyenziwe ehlobene nesihloko socwaningo olwenziwayo. Isahluko sesithathu Izindlela zocwaningo kanye nenjulalwazi Isahluko sesine Lesi sahluko sizohlaziya ulwazi oluqoqiwe mayelana nobunkondlo obutholakala ezihlabelelweni zaseNazareth Baptist Church. Isahluko sesihlanu Isiphetho socwaningo.en_US
dc.identifier.urihttp://hdl.handle.net/10413/13425
dc.language.isoen_ZAen_US
dc.subjectChurch of the Nazarites -- Hymns.en_US
dc.subjectZulu poetry -- Religious aspects.en_US
dc.subjectTheses -- IsiZulu.en_US
dc.titleUbunkondlo obutholakala ezihlabelelweni zamaNazaretha.en_US
dc.typeThesisen_US

Files

Original bundle
Now showing 1 - 1 of 1
Loading...
Thumbnail Image
Name:
Msomi_Melusi_Ernest_2015.pdf
Size:
931.53 KB
Format:
Adobe Portable Document Format
Description:
Thesis
License bundle
Now showing 1 - 1 of 1
No Thumbnail Available
Name:
license.txt
Size:
1.64 KB
Format:
Item-specific license agreed upon to submission
Description: