Repository logo
 

Masters Degrees (African Languages)

Permanent URI for this collection

Browse

Recent Submissions

Now showing 1 - 20 of 46
  • Item
    Ikhono lika M.J Mngadi lokusebenzisa izimpawu emanovelini akhe amabili akhethiwe.
    (2023) Mazibuko, Zamangwe Pertunia.; Zwane, Celani Lucky.; Maphumulo, Abednego Mandlenkosi.
    This research looks at M.J. Mngadi’s ability to use signs of semiotics in his two selected novels titled “Imiyalezo” (2008) and “Ifa ngukufa” (2001). Although there are other novels that Mngadi has written but they also have signs of semiotics that the researcher could use to analyze them, but she chose these two and she believed that they adequately express the signs that are sufficient for this research. This study uses theory of semiotics, which was found to be the most suitable for the study. This study has six chapters. The first chapter presents introduction. The motivation of the research, the need to do the research, the objectives of the research, the methods of doing the research, the basic database of the research, the design of the chapters and the conclusion are listed. The second chapter looks at the literature review. The third chapter looks at the methods and theory used to conduct the research. Here the qualitative method, purposive sampling, text analysis was used to filter the documents. The theory used was semiotics. The fourth chapter looks at the types of signs of semiotics that Mngadi used in his two selected novels. Where the first type is found which is an obvious sign, the second type is a hidden sign, the third and the last one is twisted the fifth chapter looks at the reasons why Mngadi used signs of semiotics in his novels. The reasons found are foreshadowing, emphasis and prolongation. The sixth chapter focuses on conclusion, summarizes everything that was done in the research and presents the recommendations. IQOQA LOCWANINGO : Kulolu cwaningo kubhekwa ikhono likaM.J. Mngadi lokusebenzisa izimpawu zesemiotics nalisebenzisile ekubhaleni amanoveli akhe amabili akhethiwe azihloko zithi “Imiyalezo” (2008) nethi “Ifa ngukufa” (2001). Nakuba ekhona amanye amanoveli uMngadi awabhalile kodwa nawo anazo izimpawu zesemiotics umcwaningi abengawasebenzisa ukuzihlaziya, kodwa ukhethe lawa amabili nokuyiwona athole kuwona ukuthi aziveza ngokwanele izimpawu ezanele zalolu cwaningo. Lolu cwaningo lusebenzise injulalwazi yesemiotics, nokuyiyona okutholakale ukuthi iyona efanele ucwaningo. Lolu cwaningo linezahluko eziyisithupha. Isahluko sokuqala sethula obekwenziwa ocwaningweni. Kubalwa isisusa socwaningo, isidingo sokwenza ucwaningo, izinhloso zocwaningo, izindlela zokwenza ucwaningo, injulalwazi eyisisekelo socwaningo, umklamo wezahluko nesiphetho. Isahluko sesibili sibheka ukubuyekezwa kwemibhalo. Isahluko sesithathu sibheka izindlela ezisetshenzisiwe zokuqhuba ucwaningo. Lapha kusetshenziswe indlela yekhwalithethivu, ipurposive sampling, itext analysis ukuhluza imibhalo. Isahluko sesine sibheka izinhlobo zezimpawu uMngadi azisebenzisile emanovelini akhe amabili akhethiwe. Lapho kutholakale uhlobo lokuqala okuwuphawu olusobala, uhlobo lesibili olucashile, elesithathu nelokugcina olusontekile. Isahluko sesihlanu sibheka izizathu ezenze ukuthi uMngadi asebenzise izimpawu emanovelini akhe. Izizathu ezitholakele ukubikezela, ukugcizelela nokunkondloza. Isahluko sesithupha sifingqa konke obekwenziwa ocwaningweni sinikeza nezincomo.
  • Item
    Izindikimba nokuvezwa kwabalingiswa besifazane kweminye imibhalo yesiZulu ebhalwe ngababhali besifazane ngemuva kwesikhathi senkululeko.
    (2023) Mkhize, Gloria Khumuzile.; Zwane., Celani Lucky.
    Kulolu cwaningo bekubhekwa ukuvezwa kwabalingiswa nezindikimba okubhale ngazo ababhali besifazane emibhalweni ethize yesiZulu. Umcwaningi uqoke izincwadi ezibhalwe ngababhali besifazane baseNingizimu Afrika. Kuvelile izindikimba ezivela kakhulu emibhalweni yabhali besifazane okuyindikimba yothando, yokuhlukunyezwa, yokukhulisa izingane ngabodwana neyokwesweleka kwemisebenzi. Lezi zindikimba zivela kuzona zonke izincwadi eziqokiwe nokwenze umcwaningi abone ukuthi zibathinta kanjani abantu besifazane njengoba kubhalwa kakhulu ngazo. Umcwaningi uphinde waveza abalingiswa besifazane lapho bevezwa ngababhali besifazane. Kulokho okugqamayo ukuthi eminingi imibhalo ebhalwe ngabesilisa ibingakuvezi ubuqiniso lapho yethula umlingiswa wesifazane bekuba into abayikhanda ngendlela nangeso lomuntu wesilisa kungekho ukujula njengalapho ebhekwa ngowesifazane. Lolu cwaningo lube nayo impumelelo njengoba umcwaningi ekwazile ukujula kulezo zingqikithi abeqoke ukugxila kuzona ocwaningweni lwakhe.
  • Item
    Ukukloloda emculweni kamaskandi: kubhekwa abaculi oKhuzani Mpungose kanye noMthandeni Manqele.
    (2021) Zondo, Nolungelo.; Mazibuko, Gugulethu Brightness.
    Lolu cwaningo luhlaziya ukukloloda emculweni kamasikandi kubhekwa uKhuzani Mpungose noMthandeni Manqele. Luveze izinto ezahlukene eziholela ekutheni kubekhona ukukloloda emculweni wabaqokiwe. Kulolu cwaningo kusetshenziswe indlela yekhwalithethivu ukuqoqa ulwazi olundingekayo. Ucwaningo ngokwekhwalithethivu lugxile ezintweni ezenzeka ngokwemvelo yazo. Umcwaningi usebenzise uhlaziyomibhalo ukuze athole imiphumela abeyilindele ocwaningweni. Ubelalela aphinde abhale izingoma okuyizona ezinokukloloda. Nesu lokubukela libambe iqhaza elikhulu ekuqoqeni ulwazi lwalolu cwaningo. Imicimbi eyayiqoshwe ngesikhathi esiphambilini nayo umcwaningi ubeyibuka. Izinkundla zokuxhumana nazo zibe nelazo iqhaza ekutholeni ulwazi, umcwaningi ubelandela omasikandi abaqokiwe ukuze kuthi uma kukhona abakufaka ezinkundleni zokuxhumana asheshe akubone. Injulalulwazi yokungqubuzana kwemibono neye-Orality yizona ezasetshenziswa kulolu cwaningo. Injulalulwazi yokungqubuzana kwemibono yayilungile ngoba amaculo asetshenziselwe lolu cwaningo aveza ukukloloda okukhona ukungezwani ngokwemibono. Njengoba umculo uwubuciko bomlomo yayingeke isale injulalulwazi ye-Orality egcizelela ukunotha kobuciko bomlomo. lmiphumela yalolu cwaningo iyakuveza ukuthi ziningi izinto omasikandi abazivezayo emculweni wabo kepha iningi labalaleli abakushaya indiva bangazibuzi ukuthi kudalwa yini.
  • Item
    Uguquko ekubhalweni kwezinkondlo zolimi lwesizulu: kuqhathaniswa amaqoqo kaVilakazi, B. W. nakaMavuso B.
    (2021) Nxumalo, Dumsani Walter.; Mazibuko, Gugulethu Brightness.
    Isihloko salolu cwaningo sithi: Uguquko Ekubhalweni Kwezinkondlo Zolimi LwesiZulu: Kuqhathaniswa Amaqoqo kaVilakazi, B.W. nakaMavuso, B. Lolu cwaningo luhlose ukuqhathanisa izinkondlo ezabhalwa eminyakeni yakudala (1935 - 1945) zibhalwa uB.W. Vilakazi, ziqhathaniswa nalezo ezibhalwe kamuva (2006 - 2015) zahlelwa uB. Mavuso. Esahlukweni sokuqala kulapho kwethulwa khona ucwaningo futhi isona ebesichaza isihloko esidingidwayo. Indaba yokudingeka kwalolu cwaningo kukhulunyiwe ngayo lapha kulesi sitanza sokuqala. Umklamo walolu cwaningo wethuliwe nawo kulesi sahluko. Kwavezwa nezingqinamba umcwaningi ahlangabezane nazo ngenkathi eqhuba lolu cwaningo. Kwavezwa imibuzo ezophendulwa yilolu cwaningo. Umlando wengqalabutho kulo mkhakha uB.W.Vilakazi uvezwe kafushane nawo kulesi sahluko, kanjalo nembongi ebhale amaqoqo ezinkondlo zakamuva uB. Mavuso. Umcwaningi ubheke imibhalo eminingi ephathelene nobuciko bezinkondlo ukuze akwazi ukuqhathanisa le mibhalo. Kubuyekezwe imibhalo yongoti bakwamanye amazwe nabalapha kwelengabade. Kulolu cwaningo kusetshenziswe izinjulalwazi ezimbili oku-hermeneutics nepost colonialism okuyizona ezithathwa njengeziphakamiso lapho imibhalo emisha isuselwa khona. Umcwaningi ukhethe ukusebenzisa pharadaymu ngoba ixhumene nemigudu yokwembula izincazelo ezifihlekile emibhalweni. Kulolu cwaningo kusetshenziswe amapharadaymu ukuqoqa ulwazi ngoba yiwona angumgogodla wocwaningo futhi ayasiza ukuhumusha imibhalo ebhaliwe. UMazibuko (2008:68) uthi ngokwale pharadaymu eqondayo lokho okucwaningwayo kusayensi yenhlalo kufanele kube nokuxhumana phakathi kwalokho okucwaningwayo nalokho okwenzeka emphakathini. Izindlela zokuqoqa ulwazi nazo azisalanga, okwenze umcwaningi aqoke indlela yekhwalithethivu ngoba iyona egxile ekutheni izinto zizenzekele, ngoba imiphumela yalapho ayidingi izinombolo ukuze icutshungulwe. NgokukaCreswell (2009:4) ucwaningo lwekhwalithethivu luyindlela yokuthola nokuqonda incazelo yomuntu nomuntu noma yeqoqwana eyakhekayo ezinkingeni zomphakathi. Umcwaningi uqhubekile nokuhlaziya lokho okutholakele kulolu cwaningo, ngokukhetha izinkondlo ezingamashumi amabili nanhlanu kula maqoqo kaVilakazi wabe eseveza amabalengwe nje ezinkondlo okutholakele kuzona ubunkondlo obuqanda ikhanda. Uphinde waveze nakwezikaMavuso, izibonelo zezinkondlo enze ngazo amasampula ezingamashumi amabili nanhlanu. Sezizonke izinkondlo okwenziwe ngazo izibonelo zingamashumi amahlanu (50). Imiphumela iyaveza ukuthi lukhona uguquko oselukhona uma kubhekwa isakhiwo nolimi ezinkondlweni zakamuva. Ucwaningo luyasitshengisa futhi ukuthi ababhali bezinkondlo bakamuva bakha phezulu kakhulu uma bebhala izinkondlo zabo. Kuvela ukuthi izinkondlo zabo azinawo umsoco wobunkondlo odingekayo ngenxa yokuthi bashiya ngaphandle izifengqo futhi basebenzisa ulimi olulula noluyiphrozi. Lo mkhuba uyawululaza kakhulu umsebenzi wobuciko nohlonishwa kakhulu. Kuyancomeka nje ukuthi ababhali bezinkondlo bakamuva bazinike isikhathi uma befuna ukubhala izinkondlo ezisezingeni elamukelekile nezihlabahlosile kumele basebenzise amagama anembayo nolimi olunothe ngezifengqo. Izibongo zamakhosi ziwuhlobo oluyisibonelo esihle sezinga eliphezulu lobunkondlo. Ulwazi olutholakele kulolu cwaningo lungaba wusizo olukhulu kulabo abanelukuluku lokubhala izinkondlo. Umcwaningi ube esephetha lolu cwaningo ngokuveza izincomo kumbe iziphakamiso zocwaningo oluhlobene nalesi sihloko olusengenziwa ngabanye abacwaningi.
  • Item
    Ubuciko benjulalwazi yokusebenziseka kwesichazamazwi esilulimimbili esifaka amalema ngezilimi ezimbili sika-kode (1996) ukwelekelela ukufunda nokufundisisa isiZulu nesingisi eningizimu africa.
    (2020) Dladla, Silindile Thuleleni.; Mazibuko, Gugulethu Brightness.
    Lolu cwaningo luhlaziya ubumqoka benjulalwazi yokusebenziseka kwesichazamazwi esilulimimbili esifaka amalema ngezilimi ezimbili sika-Doke (1996) ukwelekelela ukufunda nokufundisa isiZulu nesiNgisi eNingizimu Afrika. INingizimu Afrika ingelinye lamazwe agqugquzela ubuliminingi. Izichazamazwi ezilulimimbili zibamba iqhaza elikhulu ekwenzeni umsebenzi wokufunda nokufundisa izilimi ezimbili ngesikhathi esisodwa ube yimpumelelo. Lolu cwaningo luhlaziya ukubaluleka kokubeka emqoka izidingo zabasebenzisi besichazamazwi uma kwakhiwa izichazamazwi ezilulimimbili. Ukubekwa phambili kwezidingo zabasebenzisi besichazamazwi kungukusetshenziswa kwenjulalwazi yokwakhiwa kwesichazamazwi eyasungulwa nguHaas (1962) ebeka phambili izidingo zabasebenzisi besichazamazwi abahlose ukwakhelwa isichazamazwi. Isichazamazwi esilulimimbili sakhelwa ukufeza izidingo zabasebenzisi besichazamazwi abanentshisekelo yokufunda ulimi olusha okungaba olokuqala lokwengeza noma olwesibili lokwengeza. Abasebenzisi balolu hlobo lwesichazamazwi basuke bengalwazi nhlobo noma bengalwazi ngokuphelele ulimi abasuke benentshisekelo yokulufunda. Kubalulekile ukuthi isichazamazwi esilulimimbili sakheka ngendlela ebeka emqoka abasebenzisi besichazamazwi ukuze babe nogqozi nentshisekelo yokusisebenzisa. Lokhu kuba nomthelela omuhle ekufezeni ukufundwa kobuliminingi. Ukuhlaziywa kwesichazamazwi esakhiwe ngolimi lwesiZulu nolwesiNgisi kuhlahla indlela eya phambili ekuthuthukiseni lezi zilimi zombili ezisetshenziswa kakhulu eNingizimu Afrika. Lolu cwaningo luyindlela yokuphosa esivivaneni ikakhulukazi emkhakheni wesayensi yokwakhiwa kwezichazamazwi eNingizimu Afrika okungumkhakha obonakala udonsa kanzima ekusimameni. Izichazamazwi ezilulimimbili eNingizimu Afrika zisabukeka zisalela emuva ngokwenjulalwazi yokusebenziseka kanti lokhu kwenza zingasebenziseki ngendlela efanele kubasebenzisi bazo. Lolu cwaningo luqoqwe kusetshenziswa indlela yohlaziyomibhalo. Umcwaningi uhlaziye isichazamazwi esilulimimbili sika-Doke (1996) kanye nezincwadi ezinhlobonhlobo ezethula injulalwazi yokusebenziseka, injulalwazi yesemantiki kusukeka emazweni angaphandle, emazweni ase-Afrika kanye nasezweni laseNingizimu Afrika. Le ndlela isetshenziswe ngobuchule ukuhlaziya ucwaningo ukuze kubekwe obala isidingo sabasebenzisi besichazamazwi kanye nezingqinamba ababhekana nazo uma isichazamazwi sakhiwe ngendlela engabeki emqoka izidingo zabasebenzisi baso. Kulolu cwaningo kukhuthazwa ukuqhutshekwa kokwenziwa kocwaningo ngezichazamazwi ezilulimimbili ukuze kwakhiwe izichazamazwi ezibeka emqoka izidingo zabasebenzisi bazo kanye nokuthuthukiswa komkhakha wesayensi yokwakhiwa kwezichazamazwi.
  • Item
    Ukuhlaziywa kokufakwa kwamalema angomqondofana nangomqondophika esichazamazwini esilulimimbili sika-de Schryver (2015) ngeso lenjulalwazi yokusebenziseka.
    (2020) Jauza, Mawethu Lawrence.; Mazibuko, Gugulethu Brightness.
    Umkhakha wokwenziwa kwezichazamazwi ezifaka izilimi zabomdabu usemusha e-Afrika, naseNingizimu Afrika, noma bezenziwa eminyakeni edlule kodwa bekungalandelwa kakhulu injulalwazi yokwenziwa kwezichazamazwi ekhuluma ngokusebenziseka kalula kanye nokufezwa kwezidingo zabasebenzisi bezichazamazwi. Lokhu kusho ukuthi isichazamazwi kumele sibe ngesifeza izidingo zabasebenzisi abahlonziwe, siphendule yonke imibuzo abasebenzisi abahlonziwe abangase babe nayo okugcina kumele lonke ulwazi oludingwa ngabasebenzisi abahlonziwe lutholakale kalula. Lolu cwaningo luhlaziya ukufakwa kwamalema angomqondofana nangomqondophika esichazamazwini esilulimimbili sika-De Schryver (2015) ngeso lenjulalwazi yokusebenziseka. Inhloso yalokhu ukuthola ukuthi isichazamazwi esilulimimbili sika-De Schryver (2015) siyaphumelela yini ukuhlinzeka abasebenzisi ngolwazi oluzothuthukisa ukukhulunywa ngempumelelo kwezilimi okufakwe ngazo amalema, ukuhlaziya ngokunzulu ukuthi njengoba lesi sichazamazwi singesilulimimbili siyayifeza noma siyahlangabezana yini nenjulalwazi yokusebenziseka nezidingo zabasebenzisi uma kufakwa amalema angomqondofana nangomqondophika. Kanye nokuzama ukuqonda kabanzi umsebenzi nezinhlosongqangi zokwakhiwa kwesichazamazwi esilulimimbili esifaka amalema ngolimi lwesiZulu nolwesiNgisi.
  • Item
    The utility of written isiZulu in the banks located in the INK region: a language planning evaluation study.
    (2020) Bolofo, Mongezi Christopher.; Ngubane, Sihawukele Emmanuel.
    The banks have established language policies that aim to elevate the status of official indigenous languages to the level of English. This study evaluates the implementation of the language policy planning in the banking sector to determine its impact in elevating the status of isiZulu. Research was conducted in the five bank branches i.e. Nedbank, Capitec, Absa, Standard Bank and FNB servicing Inanda, KwaMashu and Ntuzuma Townships (referred herein as INK region). This study brings a new dynamic of using written isiZulu language as a measurement of the efficacy of language policies in the elevation of status of isiZulu, making language policy evaluation practical and measurable. Using a triangulation research method, survey was conducted whereby a questionnaire was administered to the clientele and employees of the five bank branches. Semi-structured interviews with bank managers were held. In addition, participation-observation was undertaken to determine how much of isiZulu is used in its written form in the said branches. The findings indicated that though the five banks supports multilingualism in their language policies and declare isiZulu as one of their official languages, this undertaking is not supported by tangible written products in isiZulu. The digital platforms are also not available in isiZulu. The study concluded that the language policies have not ;/increased the use of written isiZulu in the banks and therefore isiZulu has not achieved parity of esteem with English. The study recommends focused evaluation through bodies tasked to regulate the banking sector and further research on digital inclusion of official indigenous language, as well as the development of new policies in line with digitization.
  • Item
    Ubuciko bokwethiwa kwamagama abalingiswa emanovelini abhalwa ngemuva konyaka wezi-2000: kubhekwa ukwethiwa kwabalingiswa ukuthi kuyafana nokwetha jikelele.
    (2019) Hlengwa, Mzamo Effort.; Ngubane, Sihawukele Emmanuel.
    NgokwaseNingizimu Afrika igama liqukethe izinto ezithile ezihambisana nokwethiwa kwalo. Igama liqukethe ubuntu kanye nobunjalo bakhe lowo owethiwe lelo gama kepha ezinye izinhlanga zilibuka njengelebuli esetshenziswa ukwetha ukuze izinto zikwazi ukuhlukaniseka. Isifundo sokwethiwa kwamagama abantu sibizwa nge-anthrophonemi okuyigatsha le-onomastiki. I-anthrophonemi ibhekene nokufundwa kwamagama abantu. Lolu cwaningo luhlose ukuveza amagama ethiwe abalingiswa abawumfuziselo wabantu abaphilayo ngenhloso yokubheka ukuthi kuyefana yini ukwethiwa kwabalingiswa nokwethiwa kwabantu emhlabeni jikelele okanye okwabantu abaphilayo. Umbuzo oqanda ikhanda wothi ngabe ababhali bamanoveli bayakuqikelela yini ukwetha jikelele uma betha abalingiswa nokuthi bayaziqikelela yini izinguqukokwetha emagameni ethiwa abalingiswa. Lokhu kwenziwa ngokuqhathanisa incazelo enanyatheliswe egameni nempilo yomlingiswa nokuthi kuyahambisana yini nencazelo yegama lomuntu ophila emhlabeni kanye nezinguqukokwetha. Injulalwazi ye-onomastiki yenhlalo neyemibhalo isetshenzisiwe ukuseka izinhloso zalolu cwaningo. Amagama atonyulwe emanovelini amathathu: Amasokisi, Ngizigwaze Ngowami nethi Ngiyabonga.
  • Item
    Ubuciko bokwethiwa kwamagama abalingiswa emanovelini abhalwa ngemuva konyaka wezi- 2000: kubhekwa ukwethulwa kwabalingiswa ukuthi kuyafana nokwetha jikelele.
    (2019) Hlengwa, Mzamo Effort.; Ngubane, Sihawukele Emmanuel.
    According to the context of South Africa, a personal name carries a lot of information that speaks to its naming. A personal name carries an identity and a character of the name carrier but other races view personal names as a label that helps to categorise people accordingly. The study of personal names is called ‘Anthroponomy’ and it is regarded as a branch of ‘Onomastics’. The Anthroponomy deals with the study of personal names as opposed to other names. This research aims to discuss names given to characters who are the representation of real people with an aim examine whether naming of characters (in novels) match the naming of people in real life. The critical question of this research is that of looking whether writers do consider the importance of naming as a whole when they are naming their characters and that do they consider the importance of the meaning of those names and the naming shifts in the practice of personal names. This is done by the comparing of meanings of names given to characters (in conjunction with their novelic lives) with the meaning of a name given to a real person in the real world and also the issue of shift and continuities in the naming ptactice. The Socio-Onomastic theory and the literary onomastics theory have been applied to this research with an aim of supporting the objectives of this research. The names used in this research are for: Amasokisi, Ngizigwaze Ngowami and Ngiyabonga novels.
  • Item
    Investigation into the portrayal of female characters in selected isiZulu novel after the year 2000: an African womanist literal approach.
    (2019) Shabalala, Sicelo Cyril.; Zulu, Nogwaja Shadrack
    What use to work in time memorial may be outdated in the current dispensation. Western feminism and African womanism does not tolerate women oppression. Hands of time are not static in so doing the tide of time ensures that people move in accordance. People, men in specific, need to adopt and adapt to a new social and political context. The constitution of the republic of South Africa 1996 dictates that women ought to be protected against harm, discrimination and any form of exploitation. The study will reveal on whether women’s place in society has changed and to what extent to represent the current political and social reality. It will also identify stereotypes that are used in depicting women. This study, therefore, attempts to explore the image of women in isiZulu literature. The study employs African womanist literary criticism as a tool in critically analysing the selected isiZulu texts. Texts in question were picked using purposive sampling. The study concludes that there is gender biasness in the way in which female characters are portrayed. Roles that women fulfil in literature do not mirror the current social and political order of the day. Women are still under the yoke of oppression regardless of their educational status. Financial dependence in women plus the institution of marriage gives men the upper hand. Zulu mores foster submissiveness in women. Women who do not abide by the patriarchal rules are constantly lambasted.
  • Item
    Investigation into the portrayal of female characters in selected isiZulu novels after the year 2000: an African womanist literary approach.
    (2019) Shabalala, Sicelo Cyril.; Zulu, Ncebo Sibonelo.
    What use to work in time memorial may be outdated in the current dispensation. Western feminism and African womanism does not tolerate women oppression. Hands of time are not static in so doing the tide of time ensures that people move in accordance. People, men in specific, need to adopt and adapt to a new social and political context. The constitution of the republic of South Africa 1996 dictates that women ought to be protected against harm, discrimination and any form of exploitation. The study will reveal on whether women’s place in society has changed and to what extent to represent the current political and social reality. It will also identify stereotypes that are used in depicting women. This study, therefore, attempts to explore the image of women in isiZulu literature. The study employs African womanist literary criticism as a tool in critically analysing the selected isiZulu texts. Texts in question were picked using purposive sampling. The study concludes that there is gender biasness in the way in which female characters are portrayed. Roles that women fulfil in literature do not mirror the current social and political order of the day. Women are still under the yoke of oppression regardless of their educational status. Financial dependence in women plus the institution of marriage gives men the upper hand. Zulu mores foster submissiveness in women. Women who do not abide by the patriarchal rules are constantly lambasted.
  • Item
    Ukuhlaziywa kolimi olusetshenziswa emdlalweni webhola likanobhutshuzwayo.
    (2016) Mtshali, Thamsanqa Justice.; Mazibuko, Gugulethu Brightness.
    Lolu cwaningo luhlaziya ulimi olusetshenziswa emdlalweni webhola likanobhutshuzwayo, luphinde luveze umthelela wala magama olimini lwesiZulu. Lolu cwaningo lugxile kakhulu emtheleleni walolu limi olusetshenziswa emdlalweni webhola likanobhutshuzwayo ekukhuliseni ulimi lwesiZulu. Lolu cwaningo lwenziwe emaqenjini ebhola likanobhutshuzwayo esiFundazweni saKwaZulu-Natali, eThekwini namaphethelo. Isidingo esikhulu salolu cwaningo ukuthola ukuthi yiluphi ulimi olusetshenziswa emdlalweni webhola likanobhutshuzwayo. Lapha kubhekwa izimvo zezintatheli, abalandeli kanye nabadlali bomdlalo webhola likanobhutshuzwayo mayelana nolimi olusetshenziswa kulo mdlalo. Ulwazi kulolu cwaningo luqoqwe ngokusebenzisa indlela yekhwalithethivu. Ucwaningo ngokwekhwalithethivu lugxile ezintweni ezenzeka ngokwemvelo yazo. Lolu lwazi luqoqwe ngokusebenzisa izingxoxo, ukucutshungulwa kwemibhalo kanye nokubukela okwenzekayo ezinkundleni zemidlalo yebhola likanobhutshuzwayo. Imithombo yolwazi okuxoxwe nayo kulolu cwaningo kube yizintatheli, abadlali kanye nabalandeli bomdlalo webhola likanobhutshuzwayo. Izintatheli zisebenzisa lolu ulimi ukubhala ngemidlalo yebhola likanobhutshuzwayo emaphephandabeni. Abasakazi bezemidlalo yebhola likanobhutshuzwayo emisakazweni ehlukene kanye nakumabonakude basebenzisa lolu limi ukwethula imidlalo yebhola likanobhutshuzwayo. Abadlali kanye nabalandeli bomdlalo webhola likanobhutshuzwayo basebenzisa lolu limi ezinkundleni zemidlalo uma bephawula ngokwenzeka emidlalweni yebhola likanobhutshuzwayo. Okutholakele kulolu cwaningo ukuthi ulimi olusetshenziswa emdlalweni webhola likanobhutshuzwayo lubaluleke kakhulu olimini lwesiZulu njengoba lunegalelo elikhulu ekuthuthukiseni nasekunothiseni ulimi lwesiZulu uma lungabhalwa phansi lubuye lufakwe ezincwandini zona ezisebenza njengenqolobane yolimi. Lolu cwaningo luveze ukuthi ulimi lwesiZulu lusethubeni lokukhula ludlondlobale lapha eNingizimu Afrika inqobo nje uma abanikazi balo belukhathalela.
  • Item
    Ukuvezwa kokuhlukunyezwa kwabantu besifazane ezingomeni zomculo weqembu “Izingane zoma”.
    (2016) Duma, Primrose Fundisiwe.; Sibiya, Nakanjani Goodenough.
    Abstract not available.
  • Item
    Representation of disability in IsiZulu literary works.
    (2017) Thabede, Sineliso Lindokuhle.; Sibiya, Nakanjani Goodenough.
    This research seeks to analyse the representation of disability in isiZulu literary works such as novels, drama, short stories, and poems. It identifies the types and causes of disability as portrayed in isiZulu literary works. Since certain types of disability are frequently depicted in isiZulu literature works while others are not, this research then seeks to identify types of disabilities that are most frequently depicted and those that are not frequently depicted in isiZulu literary works. It also identifies the causes of disability in characters. The research examines the attitudes of characters towards disability in isiZulu literary works. There are diverse attitudes towards disability; this includes the attitudes of the narrators, the attitudes of other characters, and the attitudes of characters living with a disability. Lastly, the research investigates the effects, and coping strategies of characters living with a disability. There are certain effects the characters with disability face, and there are diverse strategies they tend to employ to cope with those effects. The research also investigates those effects, and coping strategies employed by characters with disabilities in isiZulu literary works. This research uses the Qualitative research method. Qualitative research method is a method that is very important if the researcher aims at interpreting, and comprehending the world in which we lived. Qualitative research is a method of analysis used in many different academic disciplines particularly in the social sciences; but all qualitative researchers aim to gather an in-depth understanding of human behaviour and the underlying reasons that govern such behaviour. This research will use a Social Model of Disability theory to provide a proper analysis of aspects of disabilities on which isiZulu literary texts comment.
  • Item
    Ukuvezwa kokuhlukumezwa kwabesifazane nezingane emibhalweni yesiZulu.
    (2017) Zulu, Sithabiso Christian.; Sibiya, Nakanjani Goodenough.
    Lolu cwaningo luzogxila endikimbeni yokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane emibhalweni yesiZulu eyahlukahlukene. Luzobheka izinto ezahlukahlukene ezithinta le ndikimba okungabalwa okubalwa kuzo izinhlobo, izimbangela, imiphumela kanye nesimomqondo ngokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Inhloso yalolu cwaningo ukuveza ukuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane njengoba kuvezwe ngababhali abahlukahlukene bemibhalo yesiZulu. Lolu cwaningo luzosebenzisa injulalwazi yokufundiswa ngenhlalo yabantu ukuveza amaphuzu abalulekile athinta lolu cwaningo. Le njulalwazi ibheka indlela abantu abafunda ngayo ezintweni ezenzeka empilweni yabanye abantu. Ngakho-ke le njulalwazi izocacisa kahle lokho okutholakala emibhalweni yesiZulu eyingxenye yalolu cwaningo nokuthi okutholakale ocwaningweni kuhlobene kanjani nezimo abantu abakhuliswa ngayo emphakathini. Kulolu cwaningo umcwaningi uzofunda imibhalo yesiZulu enendikimba yokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane. Umcwaningi uzogxila kulezo zigameko ezithinta ukuhlukunyezwa emibhalweni. Kuzogxilwa kakhulu kulokho okushiwo ngumxoxi embhalweni ngamunye mayelana nokuhlukunyezwa kanye nalokho okuvezwa ngabalingiswa ngezenzo, izimomqondo nangamazwi abawasho bona ngokwabo ezimweni eziphathelene nokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.
  • Item
    Ucwaningo lwezingathekiso ezitholakala ezithakazelweni zesiZulu.
    (2015) Zwane, Celani Lucky.; Maphumulo, Abednego Mandlenkosi.
    Lolu cwaningo lukhuluma ngezingathekiso ezitholakala ezithakazelweni zesiZulu. Esahlukweni sokuqala lukhuluma ngesethulo socwaningo. Siqukethe isingeniso, amagama abalulekile, ukubuyekezwa kwemibhalo, indawoucwaningo olwenzelwe kuyo, izinhloso zocwaningo, imibuzo ephendulwa kucwaningo, izindlela zokwenza ucwaningo nokuhlelwa kwalo nesiphetho. Kwesesibili isahluko lubheka isingeniso, umlando omfishane wocwaningo,izinjulalwazi ezisetshenzisiwe ze-orality neye-oral systemkanye nesiphetho. Esahlukwenisesithathu lukhuluma ngesakhiwo sezingathekiso ezitholakala ezithakazelweni zesiZulu. Sinesingeniso, ukubaluleka kwezingathekiso ezithakazelweni, izingathekiso ezinokuphikisana, ezinokuvumelana, ezinezenzukuthi, ezinehaba, ezinempindamqondo nesiphetho. Kwesesine isahluko siveza ulimi oluyizingathekiso ezithakazelweni. Sibheke isingeniso, izithakazelo ezinezingathekiso ezinolimi oluqosheme,oluhloniphisayo, lobuqhawe, oluyisenzasamuntu,olunezithombemagama, lapho kusetshenziswa khona isabizwana soqobo nesiphetho.Esahlukweni sesihlanu lukhuluma ngezinhlobo zezingathekiso ezithakazelweni. Kunesingeniso, izingathekiso eziyisenzo, eziyibizo, ezinamabizoqho, ezinezingathekisosilwane, eziyibizo ezinenhlamba nesiphetho. Kwesesithupha isahluko sigxile esiphethweni socwaningo. Siqukethe isingeniso, iqoqa locwaningo, okutholakele, izincomo nesiphetho.
  • Item
    Ukuvezwa kwemicabango yabalingiswa ngempilo yabathandana nobulili obufanayo ezindabeni ezimfishane nasemanovelini akhethiwe esiZulu.
    Xaba, Beryl Babsy Boniwe.; Maphumulo, Abednego Mandlenkosi.
    Uma kuke kwaphathwa igama elithi, ubutabane abantu babuthisa izinhlonze, bahlahle amehlo. Kungaba isemindenini noma emphakathini kuyefana. Lolu hlobo lwempilo kwabanye lubukeka sengathi isifo noma umkhuhlane othile othathelanayo futhi onobungozi. Esikhathini samanje ukuthandana nobulili obufanayo kuyindlela yokuphila esemthethweni ikakhulukazi lapha eNingizimu Afrika ngoba kuyilungelo elishicilelwe ngisho emthethweni sisekelo wezwe. Nakuba kunjalo imiphakathi eminingi yaseNingizimu Afrika ukuthandana kobulili obufanayo ikuthatha njengohlobo lwempilo oluvela emazweni aphesheya, ikholelwa ekutheni akusiyo indlela yempilo yalapha e-Afrika. Intshisekelo yokwenza lolu cwaningo isuka khona lapho ekutheni iyingcosana imibhalo enale ndikimba esike yashicilelwa olimini lwesiZulu. Le mibhalo ekhethiwe ecwaningwe lapha inhloso yayo ukuvula amehlo esizweni sonke ngokuthandana kobulili obufanayo. Lolu cwaningo lubuye lubheke nezinxushunxushu ezivela emibhalweni ecwaningiwe ezidalwa izifiso ezingasaphumelelanga zalabo abangamalungu omndeni ngenxa yokuthi indodana noma indodakazi yabo isiphumele obala ngesimo sobulili bayo. Ucwaningo lubheka nokuqhekeka kwemindeni okuholela ekwahlukaneni kwabashadile, ekuxabaneni kozalo ngenxa yezinqumo zalabo abathandana nobulili obufanayo. Lolu cwaningo lubheka izizathu ezenza umphakathi ungalwemukeli lolu hlobo lwempilo ikakhulukazi esizweni samaZulu. Ukukhuliswa komntwana ophila le mpilo kungenye yezinto eziphawuliwe kubhekiswa emibhalweni ecwaningiwe. Iqhaza elibanjwe usikompilo nalo liyagqama kulolu cwaningo. Kanjalo nokushayisana kwemiqondo phakathi kwalowo othandana nobulili obufana nobakhe kanye namalunga omndeni noma omphakathi kuyahlaziywa kulolu cwaningo kanjalo nezizathu zalesi simo. Umcwaningi ubheka nokuthi lezi zinqumo ezithathwa abalingiswa abaphila impilo yokuthandana nobulili obufanayo, zibaphatha kanjani abasondelene nabo. Kubuye kubhekwe nezimo ezinzima abantu abathandana nobulili obufanayo ababhekana nazo kanye nobungozi obuvezwe emibhalweni ecwaningiwe ngokuphumela obala kwalabo abaphila le mpilo.Ucwaningo lonke luhlose ukufundisa ngokuthandana kwabantu abanobulili obufanayo, luphinde luxwayise ngobungozi bokubacwasa njengoba umthethosikelelo wezwe weseka wonke umuntu oyisakhamuzi sakuleli.
  • Item
    Ukuguquka kwesiko kuveza ukuhlukumezeka kwabantu besifazane kubhekiswa ezincwadini ezingamanoveli athi : ifa lenkululeko, ifa ngukufa.
    Siwela, Sizwe Oosie.; Ngcobo, Tholakele Ruth.
    Lo mbhalo ukhuluma ngamasiko esiZulu abukeka ehlukumeza abantu besifazane ngezindlela ezahlukene. La masiko ekugxilwe kuwona isiko lokuzila nesiko lokungenwa. Konke lokhu kwenziwa kususelwa ezincwadini ezimbili ezingamanoveli ethi ‘Ifa Lenkululeko’ nethi ‘Ifa Ngukufa.’ ukuguquka kwesiko yikho okubukeka kuyinto enomthelela omkhulu ekuhlukumezekeni kwabantu besifazane ngenxa yamasiko. Kubuye kuvele ukuthi abantu abaningi abasahambisani namasiko ayenziwa emandulo ngenxa yokuthi awasahambisani nesikhathi sanamuhla. Lokhu kuvezwa izingxoxo ezenziwe kuxoxiswana nabantu bemiphakathi eyahlukene eyakhele indawo yaseMgungundlovu. Kubuye kuvele ukuthi abanye abantu basaweseka la masiko yize engahambisani nesikhathi sanamuhla. Kugqama ukuthi amasiko anezingxenye ezimbili njengalokhu eguquka nje, kukhona okuhle ngawo kanti futhi kukhona nokubi ngawo. Okucacayo ukuthi ngeke kwagwemeka ukuguquka kwamasiko njengalokhu inkathi yokuphila ishitsha, nezizwe sezahlala ngokuxubana ndawonye.
  • Item
    Meaning behind the use and wearing of traditional beadwork at Msinga Area.
    (2000) Zungu, Bonisile Pretty Khethiwe.; Ndimande-Hlongwa, Nobuhle Purity.; Zungu, Phyllis Jane Nonhlanhla.
    A study was conducted to determine the meaning that the people of Msinga area assign to the use and wearing of traditional beadwork. Many people in most areas of our country have adopted the western culture which brought along with it Christianity that led to a decline in the wearing and the use of traditional beadwork. Western civilization also divided the community into two categories, where one finds people who still adhere to traditional culture and those that are westernized. The question that this study aimed to address is to find out whether the people of Msinga area that are still adhering to their traditional culture still value the use and wearing of traditional beadwork. If they do so, what meaning do they assign to any type of beadwork they make and wear? Findings were that those people of Msinga area that are still adhering to their traditional culture, still value the use and wearing of traditional beadwork, and that they have an influence to those that are westernized who are now considering wearing their traditional beadwork as well.
  • Item
    The mourning cultural practices amongst the Zulu-speaking widows of the KwaNyuswa community : a feminist perspective.
    (2013) Ndlovu, Cecilia Daphney.; Mathonsi, Nhlanhla Naphtal.; Naidoo, Shamila.
    This study titled: “Mourning Cultural Practice Amongst the Zulu Speaking Widows of the KwaNyuswa Community: A Feminist Perspective” explored how mourning cultural practices contribute towards gender discrimination which results to women oppression. The main aim of this study was to document how cultural practices impact negatively to women. It focused on challenges and consequences that the Zulu speaking widows particularly in the rural areas experience during their mourning period. Within feminism as an umbrella theory underpinning this study, radical approach was employed to address the issue to be investigated since it considers patriarchal practices as a primary cause of women’s oppression (Wills and Ellen, 1994:117). This approach enabled the study to extract the gender imbalances inherent in cultural practices, and to expose widow’s experiences, why they experience what they are experiencing and how do they perceive their experiences. This study employed a qualitative research approach embracing the interpretive paradigm and sought to obtain a rich and deep interpretation of participant’s responses on the topic investigated. A combination of three qualitative data collection methods were used, these were: face to face interviews, focus groups discussion and participant observation. Thirty participants were randomly selected from five districts of KwaNyuswa and that include: key informants, women and men, widows and widowers and these were regarded as people who are knowledgeable and have an experience with the phenomenon studied. Thematic data analysis was used in this study through which four themes were emerged. These themes were derived from participant’s perceptions and experiences which made it possible to meet the research objectives. The findings of this study revealed that the majority of people at KwaNyuswa consider mourning cultural practice as an integral part of their lives irrespective of its constraints or challenges it might have to the people involved. It was clear from this study that the people of this community are very much conservative and stereotyped and they do not consider anything of gender transformation or gender equality. Recommendations were made for social and gender transformation and for some means to improve the widow’s plight.