Repository logo
 

Ukulondolozwa komlando wobukhosi bakwa Ngcobo ngokwethiwa kwamagama ezinye zezikole zesifunda saseNdwedwe kusetshenziswa amagama amakhosi.

Loading...
Thumbnail Image

Date

2015

Journal Title

Journal ISSN

Volume Title

Publisher

Abstract

Lolu cwaningo lukhuluma ngokulondolozwa komlando wobukhosi bakwaNgcobo ngokwethiwa kwamagama ezinye zezikole zesiFunda saseNdwedwe kusetshenziswa amagama amakhosi. Lolu cwaningo lugxile endaweni yaseNdwedwe ephethwe amakhosi akwaNgcobo. Abantu baseNdwedwe bangamaZulu, bayawahlonipha kakhulu amakhosi abo futhi yingakho begcina umlando ngokwetha ezinye zezikole ngamagama amakhosi akhona. Lokhu kwenzelwa ukuthi izizukulwane ezizayo zingakhohlwa umlando. Lolu cwaningo luveza izizathu zokwethiwa kwezikole ngamagama amakhosi akwaNgcobo eNdwedwe kanye nokuthi umphakathi owetha izikole ubambisene noMnyango Wezemfundo. Umcwaningi ubone kunesidingo sokwenza lolu cwaningo ngoba abantu abaningi abangamaZulu abasawashayi ndiva amakhosi futhi abasenandaba nomlando wobukhosi ngenxa yempucuzeko yaseNtshonalanga. Ipharadaymu eqondayo iyona eyasetshenziswa kulolu cwaningo. UKaboub (2006) ecashunwe uMazibuko (2008:75) uthi abantu bayingxenye yomphakathi futhi bayingxenye yezingxoxo eziqhubekayo kulowo mphakathi ngokwepharadaymu eqondayo. Lolu cwaningo luxhumene nomphakathi ngoba abantu baseNdwedwe ngaphansi kwamakhosi akwaNgcobo, baba nezingxoxo ngaphambi kokwetha izikole ngamagama amakhosi. Kwasetshenziswa injulalwazi yesemantikhi kaNicolaisen kanye nenjulalwazi ye-ethimoloji ukuze kutholakale ulwazi olumayelana nokwethiwa kwezikole ngamagama amakhosi akwaNgcobo. Injulalwazi yesemantikhi ibheka incazelo mayelana nokwethiwa kwamagama kanti i-ethimoloji ibheka ukuthi amagama avela kanjani. Isidingo esikhulu salolu cwaningo ukuthola izizathu ezadala ukuthi abantu basezindawenii zaseNdwedwe okuyindawo yakwaNgongoma, kwaNkumbanyuswa, eMlwandle, kwaNodwengu, eMalangeni kanye nendawo yaseMaqadini, bethe izikole ngamagama amakhosi akwaNgcobo. Lolu cwaningo luveza ulibo kanye nomlando wobukhosi bakwaNgcobo ikakhulukazi eNdwedwe. Kwasetshenziswa indlela yokuxoxisana nomphakathi. Kwabuye kwavezwa ubuhle kanye nobubi bokuxoxisana nomphakathi. Kwabalulwa inkambiso elungileyo yocwaningo kanye nesiko lokuhlonipha nocwaningo. Lolu cwaningo lubalule zonke izikole ezingaphansi kwesiFunda saseNdwedwe ezethiwe ngamagama amakhosi akwaNgcobo. Izithombe zezikole ezathathwa ngesikhathi kwenziwa ucwaningo nazo ziveziwe ngenhloso yokukhombisa ubufakazi bokuthi ucwaningo lwenziwa ngempela. Kuveziwe nokuthi indlela yokuphila ihambisana kanjani nokwethiwa kwezikole zaseNdwedwe eziphethwe ngamakhosi akwaNgcobo. Kubaluliwe nokuthi amakhosi azuza ukugcinwa komlando ukuze izizukulwane ezizayo zincele umbele wolwazi. Okutholakele kulolu cwaningo ukuthi umphakathi waseNdwedwe uyaziqhenya ngamakhosi awo okubonakale ngokuthi wethe ezinye zezikole ngamagama amakhosi akwaNgcobo. Abantu baseNdwedwe kanye nezinduna zakhona basawahlonipha amakhosi. Ucwaningo lukuvezile ukuthi amakhosi akwaNgcobo nawo ayazigqaja ngesizwe sawo sakwaNgcobo futhi lokho kwabonakala ngesasasa amukela ngalo umcwaningi. Wonke amakhosi engaxoxisana nawo ayakuchitha ukushintshwa kwamagama ezikole eziqanjwe ngamakhosi abeka ukuthi kuzosuke kulahleke umlando ngoba phela wona agqamisa ukuthi ukwethiwa kwezikole ngamagama amakhosi kulondoloza umlando wobukhosi.

Description

M.A. University of KwaZulu-Natal, Durban 2015.

Keywords

Clans -- Conservation and restoration., Names, Zulu -- South Africa -- KwaZulu-Natal., South Africa -- Kings and rulers., Theses -- IsiZulu., Ubukhosi bakwa Ngcobo.

Citation

DOI