Repository logo
 

Ucwaningo Ucwaningo ngokuvezwa kwabalingiswa abanemizwa yobulili obufanayo ezincwadini zesiZulu zamabanga aphezulu nokufundiswa kwazo esikoleni saseMpangeni.

Loading...
Thumbnail Image

Date

2014

Journal Title

Journal ISSN

Volume Title

Publisher

Abstract

Imibiko eminingi yocwaningo ikhombisa ukuthi abantu abanemizwa yobulili obufanayo (izinkonkoni) bayabandlululwa yimiphakathi. Bayahlukunyezwa ngezindlela ezahlukene. Lokhu kuhlanganisa ukudlwengulwa, ukubulawa, inzondo nengcindezelo. Ucwaningo oluningi luveza ukuthi ababhali bezincwadi eziyimibhalo yobuciko kanye namaphephandaba, baneqhaza abalibambile ekubhebhezeleni inzondo ebhekiswe kwabanemizwa yobulili obufanayo emiphakathini. Ukwengeza, othisha nabo banalo iqhaza abalibambile emiphakathini ekugqugquzeleni inzondo nonya lobulili obubhekiswe kwabanemizwa yobulili obufanayo. Ngakho-ke, inhloso yalolu cwaningo ukubheka ukuthi ababhali babaveza kanjani abalingiswa abanemizwa yobulili obufanayo emibhalweni yabo abayibhalayo. Lubuye lubheke ukuthi othisha bayifundisa kanjani imibhalo enendikimba yabanemizwa yobulili obufanayo. Ucwaningo luphendula imibuzo emithathu elandelayo: 1. Bavezwe kanjani abalingiswa abanemizwa yobulili obufanayo emibhalweni yobuciko nasemaphephandabeni esiZulu afundwa ezikoleni zamabanga aphezulu? 2. Othisha bamabanga aphezulu ezikoleni bakuqonda kanjani ukuba nemizwa yobulili obufanayo? 3. Othisha bayifundisa kanjani imibhalo enabalingiswa abanemizwa yobulili obufanayo emabangeni aphezulu ezikoleni? Lolu cwaningo lusebenzise othisha ababili basesikoleni saseDazinkani abafundisa ulimi lwesiZulu ebangeni eshumi neleshumi nanye. Lusebenzise izindlela ze-qualitative case study ngaphansi kwepharadaymu yomhumusho (interpretive paradigm). Kusetshenziswe inhlololwazi ecishe ukuhleleka/ esakuhleleka ukuqoqa ulwazi olutholakele. Ekuhlaziyeni ulwazi olutholakele, kusetshenziswe izindlela zekhwalithethivu (qualitative analysis methods). Kusetshenziswe injulalwazi kaPharr (1988) yengcindezelo njengohlaka lwenjulalwazi ekuhlaziyeni ulwazi olutholakele. Phakathi kokutholakele, ukuthi ababhali bezincwadi ezazihlaziywa baneqhaza abalibambile ekubhebhethekiseni inzondo ebhekiswe kwabanemizwa yobulili obufanayo. Ucwaningo luveza nokuthi othisha, ngezenzo zabo, ngabakushoyo kanye nangezinsizakufundisa abazisebenzisayo lapho befundisa emakilasini, bayayigqugquzela inzondo nempi yobulili ebhekiswe kwabanemizwa yobulili obufanayo. Okunye futhi okutholakele ukuthi othisha abaqondi ngokuba nemizwa yobulili obufanayo (ngobunkonkoni) kanti nezenzo zabo namazwi abawakhulumayo kuwumphumela walokhu kungaqondi kwabo ngabanemizwa yobulili obufanayo. Phakathi kwezincomo, kunconya ukuthi ababhali kumele emibhalweni yabo banciphise ukuveza abalingiswa abanemizwa yobulili obufanayo kabi. Kunconywa nokuthi uMnyango WezeMfundo uqwashise othisha ngokufundisa imibhalo enezindikimba ezibucayi, njengabo ubunkonkoni (ukuba nemizwa yobulili obufanayo).

Description

M. Ed. University of KwaZulu-Natal, Durban 2014.

Keywords

Homosexuality in literature--Study and teaching (Secondary), Zulu literature--Study and teaching (Secondary), Sexism and literature., Sexism in education--South Africa--KwaZulu-Natal., Theses -- Education.

Citation

DOI